SEZIZE zaba mbili izingane ezincane zifika nabazali esigodlweni eMlambomunye zithwele imimoya yabadala, idlozi. Zombili lezi zingane zisafunda esikoleni kodwa konke ezikwenzayo kufana nokuthi sezathwasiswa zaze zaphothula. Zozimbili ngamantombazanyana, zenza izinto ezingefani.
Uma ulandela konke osekwenzeke kuzona uyathola ukuthi sezithwasile zaphothula, zithwasiswa yidlozi ngaphandle kwesandla sikagobela kumbe isangoma esiphilayo emhlabeni. Eyokuqala, yenza izimangaliso ngoba ivuka ikwazi ukutshela abazali bayo ukuthi ubani ongumakhelwane wakwabani kunezinto okufanele zikhishwe ebaleni lakhona. Uma kungumuntu abamjwayele bazonikela khona, ifike izikhiphe zonke izinto ezitshalwe ebaleni ngabantu abangabathakathi. Eyesibili, ikwazi ukutshela abantu izinkinga zabo nemisuka yazo bese isho ukuthi kufanele benzeni ngaleso sikhathi ngaphandle lokuthi ize ingene endaweni yokuhlolela endumbeni.
Okuhlaba umxhwele ngalezi zingane zozimbili yindlela ezithwase ngayo. Zozimbili zithwase ngamaphupho. Ebusuku kufika ikhehla kwenye lithi thatha izinto zakho sihambe. Ithi bayohamba beguduza emahlathini bagcine bengene kutatalagu wesiziba esikhulu. Ngaphansi emanzini lapho ifice izalukazi ezinganake nakunaka, kodwa ezenza ezithunywe khona. Ngelinye ilanga ithi sathi isalukazi inqaba ukuphuza umuthi “uyasazi thina ukuthi singobani?
Uma ngabe usazi uzowuphuza lo muthi.“ Nebala bebemenza izinto aphaphame esekhala phakathi kobusuku, abazali babuze ukuthi ngabe yini. Uma ebatshela konke okwenzekayo kwethuse. Kanti lona omunye yena njalo ngezikhathi zokuhwalala uyanyamalala ekhaya ahambe noma bethi bamgadile. Uma sekufanele ahambe kuyokuba khona into eyobaphazamisa. Bothi beqambe bethi phapha akasekho. Bayoze bambone ngakusasa esethithibele esangweni, kusenguyena kungekho lushintsho kodwa bembona ukuthi wethukile. Uyokuthi engena endlini abe ecela ukuyolala. Uma evuka lapho abazali bebuza ukuthi kwenzekani, angakwazi ukuchaza, kodwa uzobonakalisa ngezinto azozikhomba ekhaya elokhu ethi akususwe lokho nalokhu.
Abazali balezi zingane baye badungeka umqondo bobabili, okuthe uma bexoxela abantu bathi abanye zingenwa wubusathane, abanye bathi ezinkonzweni ngamadimoni. Ekugcineni banqume ukuthi ake bahambe nakho konke abatshelwa khona baye kwababonayo, Njenganhlelayenza iningi labantu uma lisenkingeni liqala kubathandazi ngoba kunenkolelo yokuthi umthandazo yiwona osheshe uxazulule izinto ezihlupha abantu. Nebala bayile, bafike kumthandazi wathi ingane ayithungelwe isiphika, nejazi elimhlophe ngoba lokhu kuzishaya sakuba yisangoma ngakho yena uzokuguqula akwenze okomthandazo njengalokhu naye enza uwelwa wubungoma. Eyesibili ingane ihambe yaya kumlisa oyinyanga ofike wathi kufanele ayiyise emfuleni iyogeza bese eyenzela igobongo, ifakwe ubuhlalu emaqakaleni nasezihlakaleni. Nebala konke kwenziwe.
Okufike kwadumaza bathe sebesendleleni sebebuya enyangeni leyo ingane yafuna ukuvula isicabha semoto ihamba, uyise ophuthume wamisa imoto ingane iphume ngelikhulu ijubane yathi qekelele yabonakala iguqa sengathi kukhona emlalele. Babone ngoba isibuya ubuhlalu bungasekho. Uma bebuza ukuthi kwenzenjani, yathi kuthiwe ayokhuluma uma sebefike ekhaya. Uma befika ekhaya ithe ikhehla lithe ingaphinde iyiswe lapho bevela khona ngoba kunezinyoka nezilwane zomthwalo, njengamanje abahambe nayogeza yonke le nto ngoba sebengcolisekile.
Iphupho selifika enganeni yesibili, ukuthi lesi siphika okuthiwa sithungwe nejazi kusho bani? Abakuthembi yini lokhu abatshelwa khona uma bona bekhuluma ngoba akukho muntu oyokubathwasisa, sebethwasile baqedile. Kulapho lezi zingane sezifika ngokwehlukana eMlambomunye. Eyokuqala, ifike ngenyanga ka-Aphreli uqala. Yona ifike nomyalezo ophelele wokuthi ingalinge ithwasiswe, sekwenziwe konke kodwa tshelani ubaba uMkhize ukuthi ayonigeza empophomeni, bayisho yonke imithi okufanele ingene, bese behamba emva kwalokho ingane ilalele okuzoshiwo kuyona.
Akuthathwe imbuzi uma befika ekhaya, babikelwe ukuthi ingane isafunda noma kanjani izokuqhubeka esikoleni. Nebala kwenziwe njalo. Kuthe uma ingane isiphindela esikoleni uthishomkhulu, owayengasafune nakuzwa ngendaba yale ngane ethi iphazamisa ezinye esikoleni, uthe uma ebabona waphakamisa izandla wayigona ingane, wabuza impilo, bachaza. Ube esethi esebanxusa ukuthi abathole incwadi yesiqiniseko kumuntu obeyisiza, esithathe eMlambomunye. Namhlanje isiphindele esikoleni kuhamba kahle.
Intomabazanyana yesibili eyafika zingu- 24 ku-Ephreli yafike yashayeka phansi, bakhuluma abadala abafuna kwenziwe, bathi sebehlupheke kakhulu. Bacela ukwehliswa baqaqwe kulo mntwana ngoba bebebophekile ngenkathi behamba naye beyongena esizibeni. Nebala kwenziwe njengalokhu kushiwo. Abazali bathi usebuyelile esikoleni. Okubuhlungu wukuthi lona usemncane kakhulu ngoba wenza u-grade 6, omunye yena wena u-grade 11.
Ngeledlule isonto kufike umakhosi osePitoli eSoshanguve ezodinga usizo eMlambomunye. Okuhlungu naye uthi bamthwasisa bona abadala, abantu bangena bewoleleka kuyena bashiye ezinye izigodlo. Sekunezingcingo ezimlandelayo, abanye bambuze bukhoma ukuthi uthwasephi, njengalokhu ebathathela abantu, waphothula ngenkomo enjani, ishoba waliphathiswa ngubani? Uma uthatha lesi simangaliso sezingane nokwenzeka kubelaphi abasuke bethwasiswe yidlozi, wuyabona ukuthi busebukhulu ubunqunu obusekhona kithina belaphi bendabuko ngokuthi yini ukuthwasa.
Okunye okukhulu sizitshela ukuthi sazi kakhulu, bese lokho kwazi sikuhambise nendlala yesisu, ngoba abantu abaningi sibathwasisa nje hhayi ngoba kusuke kufanele, inkinga yibhodwe okufanele liye eziko. Okufanele mhlawumbe abelaphi bakwenze wukufundisana ngalo msebenzi wedlozi, uma uthwasisa amathwasa uwanikeze ulwazi olujulile ngalesi siphiwo, uphinde ufunde ezintweni ezenzeka kuwona amathwasa, ungathi wena wuyazi ngeke utshelwe yithwasa, ngoba lokho ngeke kukukhulise nomsebenzi wethongo lakho ukhule. Asikwamukele ukuthi idlozi yilona elazi indlela, wena ongumelaphi landela ngemuva ngisho noma ngabe welapha umuntu lalela amaphupho nafika nakho esigodlweni sakho. Ngalokho uyokhula ushiye ulwazi olucebile emhlabeni ushiyela abanye abelaphi abayolandela.
Bhedindaba “VVO” Ka Lu Phuzi Mkhize
Isigodlo saseMlambomunye: School of African Indigenous Science
GAUTENG: 010 007 5294/5
KZN 087 11 00 555.