MHLELI: Ngingathokoza uma ungangipha isiqeshana kwelakho, eliveza imibono yethu ngokungachemi.
Ngincoma izinsizwa ezimbili, uKhuzani noBig Zulu, ngokuhlanganisa abaculi behip hop nabakamaskandi ukuba badlale ibhola, kube kuhle kuhlekwe. Lokhu kuyisifundo kithina balandeli, nakubantu eMzansi.
Ukuhlukana ngokomculo akusho ukuthi abantu sebeyizitha, kanjalo nabenkolo kumele baqonde ukuthi ukwehlukana kwenkolo akusho ukuthi sebeyizitha. Inhloso yabo yinye ukufakaza nokuqhakambisa izwi likaNkulunkulu kubantu.
Lezi zinsizwa zikhombisile ukuthi ukwehlukana kwazo ngokomculo akusho ukuthi azizwani kepha inhloso ukwedlulisa imiyalezo ngezindlela ezahlukahlukene zomculo, nokujabulisa abantu.
Siwubonile umdlalo ubumnandi futhi uhlekisa. Ububona nje ukuthi iyahalisa into eyenziwayo, kungenze ngaba nesifiso ngomphakathi wangakithi. Kumele umuntu ngamunye athole isifundo ngale nto yabaculi behip hop nabakamaskandi.
Cishe nabalandeli bakamaskandi bangakuyeka ukuthukana, badlale bashayane nje enkundleni. Kube ngezeGcokoma zibhekane nezikaKhuzani. Kungayintokozo kithina singabathandi bomculo wesintu, ukuthi bahlanganise abakamaskandi badlale bodwa.
Siyabonga kakhulu kuBig Zulu noKhuzani nawo wonke amaciko abeyingxenye yalo mdlalo. Nisithokozisile kakhulu bafowethu. Sijabulile, sahleka kwaze kwayovalwa.
Mpha Omnyama Shabalala
KwaMteyi
EMNAMBITHI