MHLELI: Basele nezidubulo zokusebenza kanzima abepolitiki ngemva kokuzikhandla kwabo, beshela abavoti. Kwabanye lolu khetho luyofana nephupho elibi abangafisi ukaba libaphinde.
Badakwe wumbuso wokuphatha baze bakhohlwa ngabantu okuyibona abaphethe ithikithi lokubafaka emandleni okuphatha, okungabavoti. Kabathunywanga ugwayi babuya nomquba. Unjalo-ke umuntu uma kusamhambela kahle, udakwa umbuso abese edunusele abavoti.
Bakhathele abantu ukuphoqelelwa ukuba beseke amakhansela abangawavotelanga, okuxakayo ukuthi lokho bakukhombisile nangembhikisho ebinodlam. Becekela phansi izinqalazizinda kodwa osopolitiki abangontaminetshe babebathathisa okweziyingayinga, umfazi oganenkompolo. Bayaxaka ngoba uma sebephethe bazenza izicwicwi weno owabona uNdebenkulu, kwiNkinsela yaseMgingindlovu. Abawafundi amaphephandaba abhalwe ngoluka Mageba.
Abohlanga bebeqxeka umsebenzi wamakhansela mihla yonke. Kumanje zizole, zalala. Sekothi ngonyaka 2024 bavuke emaqandeni, okhethweni lohulumeni bezifundazwe nalukazwelonke.
Ngimzwile omunye welinye iqembu ojutshwe ukuba ngumkhongi wokunxenxa amaqembu amancane, ukuba abuse ngokubambisana. Ungihlekisile ephatha indaba yokuthi izintombi abaziqomisayo uma zingavumi, bazimisele ngokuba kukhethwe kabusha. Ungenze ngafa yinsini! Ungikhumbuze uma kubulawa inkomo yomqhoyiso, okuyaye kuthi abakubo kamakoti bahlabelela bathi “mayivuke inkomo kadade”.
Ngizibuzile, ngingeke ngithole impendulo ukuthi uma iqembu lakhe selithole isibalo esincane kakhulu kunalesi, uyothini? Ukhuluma indaba yokuthi abavoti abangaphezu kwesigidi abangavotanga, bangabalandeli babo. Okuxakayo ukuthi akukho okusha abezanakho okungenza abavoti bashintshe umqondo. Uma bengase bayigwaze inxeba inkomo yomqhoyiso, ingabe isanqasha uyothini? Ngimfanise nomuntu ovuka ebuthongweni ongakwazi ukuyifunda ivaliwe.
Abantu bakhulumile ngoba nganeno koThukela, kuvalwe ngehlahla ngemva kokuvulelwa kwezindlovu esiqiwini, zangena, zashiya kumapeketwane. Kumanje abazivulele bazothwala icala elimayelana nokulawulwa kweziqiwi ngoba zishaye zabhuqa emasimini.
Sasho isilo esikhotheme ngasekuqaleni kwalo nyaka sathi esikhethwanga ngevoti. Nakhona yingoba base bezibona bebakhulu ngaphezu kwaso ngoba bephethe imali yentela. Phela bayakuthanda ukukhonzwa ngemali yethu yentela.
Siphon Robert Mpungose
ESHOWE