Mhleli: Ake ngiveze imizwa yami ngenhlamba ethukwe nguNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo uNkk Angie Motshekga ngesikhathi ememezela ukuthi abafundi bakaGrade 7 no-12 ubadinga esikoleni ngoJuni 1.
Ungqongqoshe uthe bazoqinisekisa ukuthi inhlanzeko yinto ekhona ezikoleni. Uze wagcizelela nokuthi isikole nesikole sizoba namanzi noma kufakwe amathangi amanzi.
Le nganekwane abekhuluma ngayo ungqongqoshe ishode ngokuthi “cosi cosi, yaphela”.
Phela kuze kube namuhla kusekhona abafundi abazikhulula ezindlini zangasese eziwayo futhi bafunda ezikoleni ezingenawo amanzi.
Abanye bafunda ngaphansi kwezihlahla abanye basebenzisa amagumbi angagculisi neze angawa noma kunini.
Ungqongqoshe uthe konke lokho bazokulungisa ikakhulu udaba lwamanzi.
Kanjani kodwa uhulumeni okuthiwa owentando yabantu esehluleke kwaphela iminyaka ewu-25 ukufaka amanzi nje ezikoleni?
Ngiyifanisa nenganekwane le nkulumo kaNkk Motshekga nethimba lakhe ngoba ngeke ifezeke, okunalokho kuzokwandisa isibalo sabantu ababulawa yiCorona.
Okubi kakhulu ukuthi ezinye izinhlelo zokuphucula izikole bazozimisa okwesikhashana. Le nto yeCorona iveza ukuthi luselude ukhalo okusamele luhanjwe umnyango wezeMfundo ekuphuculeni ingqalazinda yezokufunda ikakhulu ezindaweni zazemakhaya.
Engikuthandile nokho okushiwo ungqongqoshe ukuthi avume ukuthi bashaya udaka ekwenzeni ngcono izikole, ukuzithuthukisa nokufaka inqalasizinda yesimanjemanje.
Kuyihlazo lokho ngoba nguyena ophethe lesi sikhundla cishe eminyakeni engaphezu kwewu-10.
Asethembe nokho ukuthi amaphupho kangqongqoshe azofezeka kuqhubeke kahle ukufunda nokufundisa.
Sibahle Ngobese
ENquthu