MHLELI: Ngibona kuyisikhathi sokuba sivule amehlo njengoba kungena ubuchwepheshe obubizwa ngeFourth Industrial Revolution (4IR) lapho izinto eziningi zizokwenziwa yimishini.
Ukuba kuya ngami ngabe manje sesiyabona ukuthi kwakubalulekile ukufunda kwabadala senze izinto njengabo.
Ngibona abantu abaningi bezophelelwa yimisebenzi ngenxa yokuthi lo mshini obizwa ngerobhothi ukwazi ukwenza imisebenzi yabantu abayishumi uwodwa ngehora elilodwa.
Kuhle sibuyele kwesasikwenza emandulo silime sifuye ngoba bengibuka eminye yemishini ezofakwa ezimayini uma kumbiwa phansi. Umshini ngamunye uqondiswa abantu ababili wenze umsebenzi owenziwa abasebenzi abaningi. Lokhu ukwenza ngamahora ambalwa.
Kukhona nerobhothi okuthiwa lizonikeza abantu ukudla ezindaweni zokudla. Bantu bakithi masingawudeleli umnotho womhlabathi nemfuyo ngoba luyeza usizi lobubha komnyama.
Lokhu esinakho masingakulahli ngoba akuthina sonke esifundile esiyomelana nalesi simo sosizi esizayo.
Osafunda ukuba kuya ngami ngabe ufundela ukuba le mpi imfice esehlome ngazo zonke izikhali zemfundo kuthi ongakwazanga ukuthola ithuba lemfundo aqinise kokumenza aphile kahle nomndeni wakhe.
SK Mabika
EJOZINI