MHLELI: Sihlukumezeke kwanela ngenxa yezikhukhula, akukwazi futhi ukuthi singahlukunyezwa ngabasebenzi bakwamasipala okufanele basilethele amanzi njengoba engaphumi kompompi.
Izidingo siyazikhokhela. Asihlale silinde iloli lamanzi ikakhulu njengoba umuntu esebenzela ekhaya. Uma iloli seyidlulile bese uyilinda isibuya, yini ehlula umshayeli ukuthi ame, ukhe amanzi, kodwa avele adlule ashosholoze?
Umsebenzi awuhlonishwe bakithi, bese umuntu ehlonipha abantu asebenza ngabo.
Amanzi ayisidingo esinqala kodwa sesibona sixhaphazeka, sixhashazwa abashayeli bamaloli alethela umphakathi amanzi. Ume kuze kubuhlungu izinyawo, uthole ukuthi kuzothiwa amanzi asephelile. Uma ungasenawo nhlobo kuthiwa yenzenjani ngoba iloli libuya emuva kwezinsuku!
Amanzi ayaphuzwa, kuyaphekwa ngawo, kuyawashwa, kuyagezwa futhi uma kuyiwa endlini encane ayadingeka. Manje sabe sesincikiselwa? Bathi inhlanzeko izoba khona kanjani uma singenamanzi sithi sisabheke lokho kucinywe nogesi?
Ngeke sithule uma sibona kudlalwa ngathi.
Lungile Landela
EMshinini, KwaSanti