MHLELI: Ngibhala le ncwadi nginokudumala ngohlobo lobuholi esinabo KwaZulu-Natal ikakhulukazi enhlanganweni ebusayo i-ANC nenhlangano ethathwa njengenkulu yabasenzi iCosatu indlela abenza ngayo izinto esikhathini samamnje iyadumaza.
Ngikhathazwa ukubuka isimo sakuMasipala Ugu lapho kwaxoshwa khona abasebenzi abevile ku-100 bexoshwa yimenenja ngoba ithi bangenele isiteleka esingekho emthethweni. Kuxoshwa abantu benganikwanga ngisho ithuba lokuzikhulumela. Kubantu abaxoshwa kukhona ngisho abantu ababesebenza ebusuku ngoba babengabonakali emini baxoshwa. Kukhona nabantu nama-general workers, o-supervisor babo ababethathe izinsuku zokuphumula kungekho ukuthi bazophuma nobani ababekwenza kwakuba ukusayina ehhovisi bese beyahlala kodwa nabo baxoshwa.
Selohku kwathiwa udaba lwabo luyaxoxwa kodwa luxoxwa into engapheli ngenxa yobuntekenteke bobuholi esinabo esifundazweni iKZN nasesifundeni sasoGwini. Kuyadabukisa ukuthi kulesi sikhathi senhlupheko enjena kunabantu abahlaliswe emakhaya bebhuqwa yindlala ngenxa nje yokusatshwa kwemenenja eyodwa oGwini nayo esekubuye kwatholakala ukuthi ayihambisi kahle ngasemalini kumasipala woGu.
Baholi ake nisukume nenze enakukhethelwa abantu ningajiki nezihlalo emahhovisi nibe yizikhulu, asikho isikhulu kwi-ANC nakwiCosatu kodwa kukhona izithunywa zabantu.
Bhekani Ngwane
EHIBBERDENE