Mhleli: Kwelakho elifundwa wumhlaba wonke ngithi angidlulise injabulo yami mayelana nesimemezelo esenziwe uNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Kwazi Mshengu sokungakhokhwa kwemali yesikole eMenzi High, eMlaza.
UMshengu wenze into encomekayo ngokuthatha isinqumo sokuyokwethula umkhankaso wabo wokubala izinsuku zokuqala kwezivivinyo kulesi sikole esinomlando omuhle ngezinga lokuphasa kwabafundi bakwa-matric.
IMenzi High ibalwa ezikoleni ezenza kahle KwaZulu-Natal kwazise phela ihlezi ikhiqiza * -100% kuleli banga nokuyinto esiyenze iminyaka ilandelana.
Lesi sikole siyisibonelo esihle kwezinye.
Othisha bakhona bayazinikela emsebenzini wabo. Bangena ngo-6 ekuseni baphume sekuhwalalele futhi babuye bafundise nangempelasonto.
Okunye okungijabulisa kakhulu okubalulwe wuMshengu wukuthinta indaba yokulungisa ingqalasizinda esingekho esimeni esifanele.
UMshengu uthembisile ukuthi bazokwenza konke okusemandleni ukuthuthukisa isikole. Uphinde wathi bazoletha amakhompyutha awu-60 kanye nezinsiza zokufunda.
Ukwandiswa kwamakhompyutha kulesi sikole kuzosiza abafundi ukuthi bafunde babe nolwazi ngobuchwepheshe besimanje.
Lokhu kusho ukuthi abafundi ngeke basale ngaphandle kwi-4th Industrial Revolution okukhulunywa ngayo kakhulu kulezi zinsuku. Okunye wukuthi ukwandiswa kwezinsiza zokufunda kuzosiza othisha nabafundi ukuthi bangasaleli emuva ngomsebenzi wabo. Lokho kusho ukuthi izinga lokuphasa ngeke lehle kulo 100%.
Ngikwethulela isigqoko Mshengu, qhubeka nomsebenzi wakho omuhle wokuthuthukisa imfundo ezweni lethu.
Ukuba nongqongqoshe osemusha wezemfundo KwaZulu-Natal kuzoba nomthelela omuhle kakhulu. Kuzophucula izinga lezemfundo kuleli.
Nobuhle Welkom
EBellair