MHLELI: Sekukaningi noma sekuyinsakavukela umchilo wesidwaba ukuzwa kugxekwa ukusebenza kwamaphoyisa. Namuhla ngithi angincome awangakithi eNquthu ngaphansi komphathi-siteshi wakhona. Sengixhumanile naye amahlandla amaningana uma kunezigameko zobugebengu endaweni yangakithi.
Ngithi nje kuyena, siyalibona igalelo lakhe kwesokuba umphathi wesiteshi saseNquthu. Siyakubona ukusebenza okuhle kwamaphoyisa.
Ngithi nje, ibambeni kanjalo, ningabe nisayidedela. Siyafisa ukubona zincipha izigameko zobugebengu endaweni yakithi, ikakhulu zokubulawa kwabantu nokugqekezwa kwemizi.
Nathi siwumphakathi masisebenzisane namaphoyisa, kungumsebenzi wawo ukusihlenga ezenzweni zobugebengu endaweni yakithi. Siyabonga kakhulu emaphoyiseni aseNquthu. Vele abantu ngeke banithande bonke ningeyona imali.
Skhumbuzo Buthelezi
ENQUTHU, KWANDINDINDI