Ngiyazi omunye umuntu angacabanga ukuthi nginomhawu kanti akunjalo. Kunezigameko ezingishiya nginemibuzo ngamaBrazilians.
Esokuqala esakamuva nje emdlalweni neLamontville Golden Arrows lapho kwavele kwasuka umdlali waBafana Besthende waphasela abadlali beSundowns ibhola engekho ngaphansi kwengcindezi.
Isigameko esagqama kakhulu esangomzuzu ka-86 lapho lo mdlali abamba khona ibhola eyedwa walikhahlelela ngasemapalini angakubo kodwa ngenhlanhla i-Arrows yawunqanda umonakalo.
Lapho zazibambene, ingekho evuma ukugoba uphondo. Kuyiqiniso elingephikwe ukuthi iSundowns yayiwadinga kakhulu amaphuzu aphelele, kwazise ukunqoba umdlalo kwakuzoyenza isale ngamaphuzu amathathu kuphela kwiKaizer Chiefs ezihola phambili ngamaphuzu esicongweni se-log ye-Absa Premiership.
Umdlali engikhuluma ngaye ushayelele isipikili sokugcina ebhokisini le-Arrows umdlalo ususemseni kanondweba, ngesikhathi ebamba ibhola maphakathi nenkundla waliphasela umgadli weSundowns ngokukhulu ukuzimisela.
Lokho kwaholela ekutheni iSundowns ifake igoli elayifaka yagamanxa embangweni wesicoco. Amaphutha enziwa wumdlali waBafana Besthende abonakala eyinhloso. Lezi zigameko zashiya imibuzo yokuthi ngabe alikho yini intshontsho ayethenjiswe lona umdlali ukuze amaBrazilians awathole ephelele amaphuzu.
Ngeke ngithuke uma iSundowns ingagcina ibe ngompetha nakulo nyaka, izobe ingaqali ukunqoba indebe ngendlela eshayisa amakhala. Ubani ongakhohlwa yisigameko sangonyaka ofile lapho yalahlwa yicala lokudlalisa umdlali ongafanele, nokwakuchaza ukuthi amaphuzu amathathu eyayiwathole kulowo mdlalo kumele iphucwe bese enikezwa iqembu ababedlala nalo ngelanga lesigameko. Kwashiya imibuzo eminingi ukuthi lithi icala liyilahlile iSundowns kodwa ingaphucwa amaphuzu. Ukuba ubulungiswa benzeka, iSundowns yayizolala isibili emuva kwe-Orlando Pirates, okwakuzoyishiya isele ngephuzu elilodwa kumaBhakabhaka.
Leli qembu eliholwa yinjinga uPatrice Motsepe futhi eselike lanqoba umqhudelwano omkhulu ezwenikazi i-Afrika, iCAF Champions League namanje abaningi basashaya amakhala ngendlela elawunqoba ngayo umqhudelwano njengoba labuyiselwa kuwona likade selihluleke lancama ukudlulela phambili.
Kubukeka zanda izinsolo zokuthi leli qembu impumelelo yalo liyayithenga kwesinye isikhathi. Sengiphetha ngithanda ukuthi noma iSundowns ingazibiza ngompetha kodwa iqiniso lithi inkanyezi yayithola ngomgunyathi, iligi yango- 2018/19 kwakumele iye kwiPirates kodwa leli qembu lesigwili layithatha ngomgunyathi, nakhu namanje bazama ukuhlwitha iChiefs isicoco ekubeni isisebenzele kanzima.
Ngicabanga ukuthi sekuyisikhathi sokuthi uDkt Irvin Khoza noKaizer Motaung nabanye abaphathi bamaqembu bayibhekisise indaba yeSundowns, uma kucaca ukuthi ziyiqiniso zonke izinsolo ehlale isolwa ngazo, ijeziswe noma idingiswe kwiPSL. ISundowns izosibulalela ibhola lethu ngezenzo zayo.
Nathi Cele
eMzinto