Mhleli: Ngibhala nje ngidiniwe ngento eyenzeka kuKhozi FM lapho lusigqugquzela kangaka ukuthi sivote noma yikangaki, sivotele ingoma yonyaka. Nangempela singaMabhinca besenza njalo.
Ekugcineni ngo-19:00, kuzoqhamuka umbiko othi kayisekho iTop 10.
Ngiyavuma-ke uma kube nezinkinga ngaphakathi. Ingabe Ukhozi FM luqale ukwazi mhla ka-31 Disemba ebusuku yini ukuthi iTop 10 kayisezuba khona?
Ingabe bekuvele kudliwa izimali zethu? Kudala yini batshelwa ukuthi ngeke ibe khona?
Omunye umbuzo ngizowubhekisa ku-Owen Ndlovu ovule icala. Kuyasiza empilweni ukuzisebenzela kusenesikhathi bese ubeka imali ungahluphekeli kwabanye abantu ngento engathi shu.
Ngimbona ebe ngusomathuba uNdlovu. Ngimbona esetshenzisiwe kule nto. Ngokuthi naye uzilambele, wasukumela phezulu.
Okungenza ngisole indlala kumhlonishwa, wukuthi iTop 10 iba khona minyaka yonke.
Uma ebengesiye usomathuba, kungani icala engalifakanga enkantolo ngoMashi noma ngoJanuwari, kuthi kushaya uDisemba inkantolo isisithathile nesinqumo.
Kungani elinde uDisemba bese eqhamuka nezindaba zasenkantolo?
Ngibona sengathi kunabathile abahluleke wukwamukela ukuthi uNtencane uzohlukanisa unyaka, kwase kwakhiwa iqhinga.
Kubuhlungu okwenziwe nguNdlovu. Ngiyathemba lapho ekhona uyaziqhenya, ujabule uma ezwa uMzansi wonke ukhala ngokwenzeke ngoDisemba 31.
Sesingamshayela ihlombe uNdlovu, sithi izifiso zakhe ziphumelele lapho abantu bekhala izinyembezi ngenxa yakhe.
Thina-ke Mabhinca kasiqali ukudliwa izimali zethu noMlamuli Nxele wazidla qede washadelwa, walokhu ethi zizobuya, kuze kube yimanje, kazikaze zibuye.
Kanjalo noKhozi FM, sekucacile ukuthi luhamba phambili ngakho ukusiwaka njengoba belubhizi lusigqugquzela ukuthi sivote lube lwazi ukuthi kunecala.
Nawe-ke Ndlovu uyephulile imimoya yabantu abaningi ngenxa yokwehluleka wukubeka imali kusenesikhathi njengoba usuzobanga ngokuthi nguwe owasungula iTop 10.
Njengoba sibaqamba kangaka abantu, siqhamuka neziteketiso ezize zidlalwe Ukhozi FM, sekumele sithi masikhokhelwe ngalokho?
Thanda Chonco
EMPENGENI