MHLELI: Kwelakho eliwela umfula ugcwele, ngivumele ngizwakalise umbono wami ngengoma ekhishwe nguThokozani “Somnandi” Langa, yecwecwe elizophuma maduze elithi Iqatha Eliziqobayo.
Into engihlabe umxhwele, yisihloko esihambisana nesikhathi esiphila kuso. Isihloko sengoma sithi Ladies House. Kanti kuneLadies House okungelinye lamaqoqwana atholakala ezinkundleni zokuxhumana kwiFacebook.
Into engiyiqaphele kule ngoma ukuthi uThokoani uyenze ngomculo opholile kodwa ohehayo njengoba bekungokuqala ukuthi akhiphe ingoma eyodwa ezodonsa abantu ukuze bayithenge.
Uma ungakayizwa ubona isihloko sayo ungadideka uze uthi ufunani uSomnandi ezintokazini zaseLadies House kanti umyalezo okuyo unzima kakhulu.
ULanga uthi “Ngambona ziphelele zonke izintokazi ngamthanda mina, ngamkhetha ziphelele zonke izintokazi ngamthanda mina” .
Into engiyifundile ukuthi iqhakambisa ubuhle bezimbali zesizwe qha. Uma uqaphela ihambisana nesikhathi esiphila kuso futhi awuyibuzi ukuthi eyanini kumanje isisabalale naseLadies House, nakhona sekukhulunywa ngayo.
Ngithi Sothole, wenza okuhlukile emculweni wethu kubantu abasebasha. Sengathi abantu bengafunda kuSomnadi ukuthi uma ukhipha ingoma eyodwa, uyaqinisekisa ukuthi ukhipha ingoma ezoheha abantu ukuthi bayithenge ngobuningi.
Nandosi Sangweni
KWACEZA