MHLELI: Ngicela ungiphe ithuba ngiphawule ngodaba oseluthanda ukuba yinsakavukela umchilo wesidwaba lokubulawa kwabantu besifazane. Ukuphawula kwami kusukela odabeni lokubulawa komuntu wesifazane phambi kwengane yakhe.
Abantu besifazane abasakwazi ukuthemba muntu ngoba babulawa nangabantu abababiza ngamasoka abo abazitshela ukuthi bayabathanda. Sonke siyazi ukuthi ngenyanga yabantu besifazane kufanele engabe sizwa izindaba ezisithokozisayo ngabo. Kubuhlungu ukubukela noma ukulalela izindaba ezikhuluma ngomuntu wesifazane obulewe okanye odlwenguliwe. Singabantu besifazane siyizimbali zesizwe okufanele ziqhakazise umhlaba.
Kuyaye kube buhlungu kithina bazali ukubona umuntu owahlukumeza noma wakuphuca ingane yakho esephuma ejele emuva kokuhlala isikhashana. Kuvele kuvuse bonke ubuhlungu owawusuzitshela ukuthi buphelile.
Umbuzo uthi yiziphi kanti izinyembezi okumele sizikhale singabantu besifazane ukuze abantu basilisa bayeke ukusihlukumeza nokusibulala? Ngabe kumele size sizijezisele thina kubenzi bobubi ukuze kuzwakale ukukhala kwethu?
Impendulo ithi kumele abantu ababulale noma bahlukumeza abantu besifazane bathole isigwebo sentambo ngaleyo ndlela kuyoncipha izindaba zabantu besifazane ababulewe nabahlukunyezwe ngokocansi. Imvamisa kuba amasoka lawa esithi siyawathanda nawo esicabanga ukuthi ayasithanda agcina ngokusibulala. Yingakho kubalulekile ukuthi sibe nesiqiniseko ngabantu esizitshela ukuthi siyabathanda ngoba omunye uthola ukuthi uphume kobunye ubudlelwane abekade ehlukumezekile kubo angabe esathola ukwelulekwa ngokomqondo.
Besicela abantu besilisa basilekelele ngokuthi bazame ukukhuluma ngezinto abadlula kuzo noma ababhekana nazo othandweni ngoba lezo zinto abakhulumi ngazo kodwa zigcina zibabangela ingcindezi nokhwantalala.
Andiswa Mbatha
ENQUTHU