MHLELI: Ngiyisalukazi esineminyaka engu-91. Ngibhala le ncwadi ngoba ngidinga usizo ngomkhulu wami. Ngiphuthuma ukuveza iminyaka yami ukuze kusheshe kucace ukuthi angiqonde kudlala okanye ukuchitha isikhathi ngokulobela le nkundla.
Empeleni iyona esiyithemba lami lokugcina ngoba sengihlupheke kakhulu iminyaka eminingi. Inhlupheko yami idalwa yikhehla elizala umama elafela empini yaseSandlwana. Kwaqala emaphusheni lifika lithi lifuna ukulandwa lapho laphangalalela khona. Manje alisagcini emaphusheni sengike ngilibone ngisho emini kwabha.
Le nto iyangihlukumeza kakhulu emphefumulweni nasengqondweni. Futhi kuzwela kakhulu ngoba neminyaka isihambile. Kulula nokuthi abantu bangangikholwa noma bathi angisathathi kahle ekhanda.
Ngibhala lapha ngenhloso yokuthi udaba lufinyelele kubaholi kuhulumeni. Ngiyakhothama naseNdlunkulu kaZulu ukuba ilupheshe lolu daba lwabantu abasala empini hleze kusizakale neminye imindeni.
Ngiqondise kuhulumeni ngoba ngihlale ngizwa kuthiwa kulandwa amathambo ezishoshovu ezazilwa nobandlululo ezafela kwamanye amazwe. Nalokhu ngibona kungahlukile kangako ngoba umkhulu wami uCondo Khanyile wayelwela izwe empini yaseSandlwana.
Umkhulu wayesuka KwesakwaMdlalose, eNquthu. Ngicela usizo kunoma ngubani ukuze kulandwe amathambo akhe afihlwe ngendlela enesizotha.
T Khanyile
KWANYUSWA