MHLELI: Ngicela ukucacisa ngodaba lwaseBuhleni. Sekukaningana ngibhala ngizama ukucacisa ngendaba yalo muzi kepha kuyacaca ukuthi abantu abazi ukuthi leli bandla limi kanjani. Okokuqala nje uThingolwenkosazane lwakwenza konke futhi lwakusho konke okwakufanele lukusho. Luthi ke nuBabamkhulu (uBhombela) wayengafundile kepha walehlukanisela ibandla okwalo okwakuqondene nebandla wawehlukanisela umndeni okwakuqondene nezingane namakhosikazi akhe.
Uthi ke omunye umfundisi kwathi enoThingo emzini waseBuhleni lwase luthi kuyemfundisi namhlanje sengiyindoda uthi ke lMfundisi ngabe sengimbuza ubaba ukuthi kanti sonke lesi sikhathi ubaba ubengeyona yini indoda? Uthi ke lwamphendula uThingo lwathi bengiyiyo kepha bengingaphelele ngoba bengingenawo umuzi engiwakhile mina njengeNndoda yakwaShembe. Ngaleso sikhathi lwaluqeda ukwakha umuzi othe ukuba ngaphandle kwaseBuhleni lo muzi ubizwa ngokuthi kusePhalamende. Lwathi-ke mfundisi kulo muzi ngingena ngingagqokile ngisho imijiva yenkonzo. Ngifike kuwo ngenze izinto zomndeni wakithi. Uthi ke lwase luthi kepha lona akukona kithi futhi akuwona umuzi kababa Inyangayezulu kepha ungumuzi kaNkulunkulu waseKuphakameni. Mhgamanye amagama abantu abakwazi ukuthi akekho umuntu ongakhipha umuntu kubo. Labo abathi umuzi waseBuhleni ungumuzi wakubo kankosana uMduduzi banephutha futhi naye uqobo ubhuti uMduduzi unephutha uma ethi lo muzi ngokayisemkhulu (Inyangayezulu).Yingakho uThingo lwabhala ukuthi Inkosi Imisebeyelanga iyohola leli bandla iseBuhleni okuyikomkhulu lebandla. Ubhuti Mduduzi akahambe aye kubo ePhalamende akekho ozomkhipha khona ngoba uyazikhohlisa kanye nalabo ahambisana nabo. Akayeke ukwenza into azi kahle ukuthi iyisinengiso koyisemkhulu ngisho nakuyise uqobo.
Ngiyathanda ukukusho ukuthi isonto alilona ifa kepha lingumsebenzi kaNkulunkulu. Kulabo abathi ifa lakwenye indlu alingadliwa kwenye indlu ngiyacela ukuthi bangadungi ingane yoThingo. Kumele bazi ukuthi abakwazi kahle ukuthi Inkosi uThingo lwazabela zonke izingane zalo ifa lazo okufaka phakathi naye ubhuti uMduduzi Shembe. Naye uyakwazi ukuthi emafeni ashiywa wuThingo kunengxenye eyisabelo sakhe njengengane yoThingo.
Ngiphinde ngithi kule nsizwa yaseMawoti ezibize ngoZikode ingasebenzisi inzondo nokukhombisa ukuthi inelukuluku lenhliziyo ebuhlungu ngokunqoba kwenkosi Imisebeyelanga bese ecabanga ukuthi kukhona ukwenzelela okwenziwe yizinkantolo. Cha bonke ubufakazi obalethwa ngaphambi kwamajaji yibona obenze bafinyelela kulesinqumo abasikhiphile futhi siphelele. Ngikhalisana nani mfo ka Zikode ngoba amaqhinga obumnyama abekade ehlelwa wusathane ethi ucima ilambu lobuNazaretha achithekile. Ngibuye ngize emakhosini lawo okuthiwa athi le mizi kaShembe wayeyakhela ubhuti uMduduzi ngithi angiwakhumbuze ukuthi vele uShembe wafika kule lizwe wayengenandawo lapho ayengahlala khona. Awazange amnike izindawo ezindaweni zawo okusho ukuthi ayemncikisela yingakho nanamhlanje bekhuluma kanjena. UShembe wayeze kubantu nasemakhosini amthandayo. Izitha zikaShembe azikaze ziphele nanamhlanje zisekhona kepha akhona aAmakhosi azongenwa wumoya kaNkulunkulu aphinde amthande uShembe amnike izindawo emazweni awo.
Ngithi ke isandla sikaNkulunkulu asehluleki konke kuzokwenzeka abantu abathanda ukukholwa bazoza Inkosi yabo ibalindele ukuze ibagone ibondle ngezwi likamoya oyingcwele. Sikhulekela umoya wokukholwa nomoya wokuthula owatshalwa nguShembe kithi ukuthi uphinde uyithole indawo kubantu bonke abacabanga ukuthi lapha babeze entweni yasemhlabeni. Ngithi nje masizazi izindlela zomkhululi wethu. Amen
Ngiyabonga Mhleli