MHLELI: Kwelakho ngicela ukushaya indesheni koMasipala iMfolozi noMhlathuze bangakithi ukuba bangabalibali abaculi abasondelene naseMpangeni kanjalo neRichardsbay.
Uma benomcimbi abawenzayo abaculi bangakithi, kubi okwamanga, bayafa yindlala. Uma bengaqashwa wumasipala bazoqashwa wubani? Uyazi abanye ungafunga ukuthi abasekho endimeni yomculo ekubeni bakhona, inkinga bacindezelekile, abanamali sebefana nabashaya ihlombe beshayela abakwabanye omasipala, abafika bezonandisa ngakubo, bona baphenduke izihlwele bengaqashiwe.
Angali ukuthi bangaqashwa nabakwabanye omasipala kodwa akuqalwe ekhaya bakithi ngoba yibo futhi abavotayo nabanibeka lapho enikhona. Kodwa uma sekumele kube khona okuncane enikukhiphayo seniya kwabanye omasipala niyolanda amaciko akhona. Ngiyanicela bahlonishwa nikuqaphele lokhu engikushoyo, ukuze baphakame baye phezulu badinga nina. Angifuni ukuqamba amanga imisakazo iyabadlala abaculi bangakithi, inkinga isele komasipala. Baqasha ngokukhulu ukunganaki bese belanda abaningi bakwezinye izindawo. EMpangeni sinabo abaculi ngingabala uMaqhinga Hadebe, Zwangabantu Hadebe, Cevuzile, Saliwa, Indoni, Mshushisi, Shiselansimbi, Madane, Sgwebo Sentambo, kukhona nabashaya umculo wokholo oneNkosi phakathi. Empeleni maningi amaciko eMpangeni okanye Richardsbay kodwa bayalibaleka koMasipala uma kunabakwenzayo.
Kwayona iKing Cetshwayo ingakithi kodwa uma yenza umcimbi iyakhohlwa ngamaciko aseMpangeni noma eRichardsbay. Uma amaciko ezolahlwa womasipala ithemba labo lizoba kobani? Ngishaya indesheni ngiguqa ngedolo, ngiyanxusa ngiyancenga, ngiyacela komasipala bangakithi ukuba bakhulume nobhekele ukuqasha amaciko akuqaphele ukuqala ekhaya bese kuyima ephumela ngaphandle.
Laba bantu bayathandwa eMpangeni naseRichardsbay uma bengatshela abalandeli babo ukuba bayeke ukuvota ngenxa yentukuthelo edalwa yindlala, lokho kungabalimaza abaholi bethu ngoba iqiniso lithi siyadingana sonke. Ngakho kuhle sidle sonke sicwebezele sonke uma kucwebezeleka.
Yisono lesi engisibona kubaculi bangakithi, akuyeki phambili ngenxa yokuntula imali. Ikhiwa ngamafosholo phambi kwabo ngabaculi bakwabanye omasipala.
Kuhle bathi beyikha ngamafosholo abakude, nabaseduze bebe beyikha nabo ukuze nabo baphumelele. Wonke amaciko abukeka sengathi aphumelele yingoba omasipala abangaphansi kwabo basuke benesandla. Omasipala bafuna asebadunyiswa kuphela, bona abadumisi muntu.
Thanda Mnikaziwempuphu Chonco
EMPANGENI