Ngeke ngenaba ukuthi yayithini ngabo. Ngathokoza uma ithi: “Thina bazukulwana benkosi uSenzangakhona”.
Kunezifundiswa nosomlando abahlakaniphile nabazama ukucisha umlando nokubaluleka kanjalo nesigqi samakhosi ayekhona ngenkathi isizwe samaZulu sibunjwa iLembe singakabi bikho. Kwakusekhona izizwe nezizwana zabeNguni ezahlanganiswa iLembe labumba isizwe lathi, uZulu lisiqamba ngokhokho waso, uZulu kaMalandela inkosi yaKwaNkomonye.
Uzwe labo somlando bethi: “Isilo uSenzangakhona, bese bethi inkosi uPhungashe, inkosi uDingiswayo, inkosi uZwide, inkosi uPhakathwayo.
Imbongi yenkosi uSenzangakhona, uTholudaba wakwaNdlovu uxoxa indaba uma ethi: “Uthi lwezimpundu, luhlale Phungashe wakwaButhelezi, lwahlala uMacingwane waseNgonyameni.”
Ayeyinqoba kanjani la makhosi iNgonyama uSenzangakhona, aze ayithumbe uma yona yayiyiNgonyama phezu kwawo.
Kuningi okonakele. Badedela osomlando badunge mlando, nxa sibhala siwulungisa, ngisho owasemakithi, asinakwa.
INdlovukazi uNandi ayikaze ihlale kwaMthethwa, yabeka iLembe emzini kaMbiya eKupheleni, lapho kwakugane khona ubabekazi wayo uNgcuka.
Wayefika ngokuvakasha. NasoYengweni kubo kagogo wakhe umntwana uMningi kaJobe, wayevakasha.
Inkosi uDingiswayo ayikaze ibe setulweni lokubulawa komntwana uSigujana njengoba bebhala osomlando.
Yebo, wawakhipha amabutho eholwa iNgomane kuba aphelezele iLembe, selibuyela kubo.
Angigcine ngokubonga inkosi uButhelezi, ngokusifundisa okuningi emlandweni kaZulu.
Phila N Mthethwa
EMPANGENI