MHLELI: Kuningi okonakele ezweni sakhile. Abantu abamnyama basazohlupheka ngoba abantu abasiphethe bangogombela kwesabo.
Izwe lethu lisazobisha ezikweletini ongakaze uzibone. Angeke lisakwazi nokuzimela ngenxa yabaphathi balo ababi esabakhetha thina. Bafuna ukusishiya sidla imbuya ngothi, sibuyele empilweni yakudala lapho sasibasa izibani namanzi siwakha emfuleni.
Isibalo sabantu abangasebenzi sizolokhu sikhula njalo. Nathi singabantu sidayisana sodwa ngokuqhubeka sivotela abantu abazama ngayo yonke indlela ukucekela phansi iNingizimu Afrika.
Kufakwa abantu abasha ngenhloso yokwenza izwe libe ngcono, hhayi ukuthi baliqedele. Kabukho ubuhle engikubona ngekusasa, sisazohlupheka thina bantu abansundu.
Monwabisi Zulu