MHLELI: Ngivumele ngiphawule ngokubhebhetheka kobugebengu eNingizimu Afrika. Ezinsukwini ezintathu ezedlule sekutholakale ukuthi kukhona intombanzane edlweguliwe yabulawa. Kuphinde kwaphuma ukuthi kukhona indoda ehlala eWyebank ebulale izingane zayo ezine. Sekungathi isonto nesonto kukhona abantu ababulawayo noma abantshontshwayo kuleli lizwe.
Ngibona ukuthi inkinga iqala ekutheni singabantu baseMzansi Afrika siyathula sibuke uma lezi zigameko zenzeka. Isibonelo, uma umuntu egijima ngesivinini esidlula amakhilomitha abekiwe, uthola ukuthi uzokhetha ukufumbathisa iphoyisa esikhundleni sokuthi aye enkantolo. Lezi yizimo ezinje ezenza ukuthi abantu bacabange ukuthi ubugebengu into enhle.
Esinye isibonelo, isenzo sokuthi abantu benza umgunyathi uma befuna izincwadi zokushayela. Uzwe ngephoyisa likutshela ukuthi uma ungangifumbathisanga into encane ngeke ukwazi ukuba nezincwadi.
Ngesinye isikhathi uthola ukuthi umuntu akakwazi ukushayela kodwa ngokuthi unemali yokufumbathisa ugcina ezitholile izincwadi zokushayela.
Ngenxa yokuthi singabahlali bala eMzansi Afrika senza umathanda sithembe ukugwaza, kusekude ukuthi buphele ubugebengu. Sihlezi sikhala ngokuthi osopolitiki banobugebengu kodwa nathi sibe sinabo. Inja iyawaqeda amanzi ngolimi.
Ubugebengu bungancipha ezweni lethu uma nathi njengabahlali sizofunda ukulandela imithetho ebekiwe. Kumele siyeke ukufumbathisa nokuntshontsha ukuze sizokwazi ukuphatha kahle izwe lethu. Njengabahlali baseMzansi kumele kube yithina esihola indlela ukuze sizophila ezweni elikahle. Mina ngikholelwa ukuthi ushintsho luqala ngawe. Asiyeke ubugebengu ukuze buzoncipha nakuhulumeni.
Minenhle Khazi