Mhleli: Ngikhathazwa yindaba yombango wobuholi ebandleni lamaNazaretha njengoba sekubonakala ukuthi akusekude kucace ukuthi ngubani owayekhuluma iqiniso phakathi kukaMnuz Zwelabantu Buthelezi owayengummeli woThingolwenkosazane nenkosi yasemaqadini uMqoqi Ngcobo.
Siyibandla siyabona ukuthi kukhona ububi nenkohlakalo egcine isikhona ebandleni njengoba abagcotshwa besithatha njengabantu abangazi lutho nabayizilima. Sithulile siyabuka nje ukuthi ngabe iyozala nkomoni ngoNovemba 7 enkantolo yaseBloemfontein.
Sekuyizikhathi ezimbili icala lisehlula eBuhleni ngoba abukho ubufakazi obuphathekayo obufakazela ukukhethwa kukababa wethu uNyazi. Kodwa kunalokho kwenziwa amaqhinga amabi okuphikisa incwadi eyayiphethe izwi loThingo eyayikhomba umholi.
Njengamanje kumnyama ebusweni benkawu akusaziwa ukuthi kuzothiwani kithi siyibandla. Phela kade eqanjwa amanga kushiwo izinto eziningi phezu kwethu siyibandla. Sekubonakele ukuthi impela satatshiswa iqanda lenjelwane ngamadoda ambalwa asihambisa ngendlela okungeyiyo. Futhi sekuyabonakala ukuthi uNyazi alunaso isibusiso sokuhola leli bandla ngoba ziningi izinto ezingamahlazo nechilo ebuholini balo. Selokhu lahola ibandla ayikho ngisho eyodwa inkokhelo esiyitholile ngaphandle kokusitshela ngamaphephandaba abhala akuthandayo ngaye nanokuthi ahudula igama lakhe odakeni.
Lusitshele nangoFacebook ukuthi singangeni kuwo. Ngisho ukuhlabelela kwalo uNyazi kuyezwakala ukuthi akuphelele. Lufike lwasikhipha eNhlangakazi, lwashintsha izingubo zabashumayeli, lwagcoba abantu abathandana ngokobulili obufanayo okuphambene nomthetho webandla kwamiswa abefundisi kungekho ubufakazi.
Kumanje kuxatshenwe kwaze kwakhishelwana izibhamu, kushayanwa nangamatshe kwagcina kugwazwana kwelinye lamathempeli eliseGoli. Udaba luyabikwa kuye kodwa akayingeni leyo. Ngikhuluma nje abantu bakwaMpukunyoni bake bampheka ngobhojwana bembuza ngendaba yokugcoba abavangeli ngokungemthetho bamhlohloloza bemkhomba ngenjumbane befuna incazelo. Nayo incazelo ayitholakalanga. Sidiniwe nanguNkosana uLizwi Ncwane oziphethe ngendlela engamukelekile ebandleni. Okokuqala weza nomqondo wokuthi akwakhiwe isitifiketi esiwumkokotelo sokwenza sengathi ubaba usengumholi onguyena yena bebambisene nomfundisi uMbongwa Friend Nzama kanti benza ukukhwabanisa nenkohlakalo. Njengamanje uNkosana uNcwane uthule inkulumo engamanga neyilumbo njengoba kuzokhishwa isinqumo.
Abagcotshwa bebonke namakhosi bayoba necala elibovu ngokuthi bethi bengabantu abathembekile kodwa basiyekelela sadlala izimpisi nogalakajane sonke lesikhathi. Kodwa ke uma kuwukuthi ubuholi boNyazi butholakala busemthethweni inkosi iyobabusisa ngokuvikela ibandla lingangeni ehlazweni.
Okhathazekile
EGauteng