KUNGENZEKA yini ukuthi amahlebezi akhomba ukuthi amaqembu aseNingizimu Afrika adlala ngaphansi kweVodacom Super Rugby angase akhahlelelwe ngaphandle kwalo mqhudelwano, kuphoqe iSouth African Rugby Union (Saru) ukuthi ibheke engxenye?
Kusukela kumiswe imidlalo yeSuper Rugby amahlebezi alokhu eqine njalo ukuthi kunezinhlelo ezizayo zeSanzaar kodwa aziwathinti amaqembu aseMzansi.
Lokhu kuqale kwavela e-Australia. Kudlule isonto kwacaca ukuthi nabadlali abaqavile bayo i-Australia nabeNew Zealand babona bengakhula kangcono uma bengadlala bodwa hhayi indaba yawaseMzansi, Argentina naseJapan.
Ngeledlule iSanzaar iphoqeleke ukukhipha isitatimende iphika lokhu ngoba kucaca ukuthi indlela okukhulunywa ngayo eNew Zealand nase-Australia ikhomba ukuthi kukhona abakwaziyo.
Sekuvelile ngephephandaba lesibhunu laseKapa (The Rapport) ukuthi iSaru isihambe ibanga elide ezinhlelweni zokufudukela kwiPro 14 kodwa ezokwandisa amaqembu abe ngu-18.
ICell C Sharks, DHL Stormers, Emirates Airlines Lions neVodacom Bulls bazobe begijima namaqembu ase-Europe eminyakeni emibili ezayo uma konke kuhamba ngokohlelo.
Umthombo waleli phephandaba, uthe lokhu kulindeleke ukuthi kuqale nangonyaka ozayo uma konke kuhamba kahle kodwa nakanjani ngo-2022 kuyaqala.
Izindaba ezimbi ngalokhu ukuthi uma kwenzeka lokhu, emaqenjini amabili amele iNingizimu Afrika kwiPro 14 (Southern Kings neToyota Cheetahs) kukhona elilodwa okuzofanele lisale ngaphandle.
“Ngicabanga ukuthi into esele ukuthi kuqedwe yonke into bese kuyamenyezelwa kodwa ukuthi amaqembu aseNingizimu Afrika ayodlala kwiPro 14 ngonyaka ozayo noma cha akuwona umbuzo ofanele.
“Okuyiwona umbuzo lapha ukuthi le nto izoqala nini. Konke sekuqediwe. Sekungaphazamisa sona isimo esibhekene nomhlaba wonke (Coronavirus) kodwa konke sekucacile,” kusho umthombo waleli phephandaba osondelene neSaru.
Ngenxa yala mahlebezi iSanzaar ize yamemezela ukuthi inenkontileka yokusakazwa bukhoma kweSuper Rugby kuze kube u-2025 kodwa sekuvelile nokuthi kusona lesi sivumelwano uyabalwa nomqhudelwano onamaqembu angu-14 noma-18 kodwa onamaqembu aseNingizimu Afrika amane.
Abazazi zonke bathi kade kwaqala lokhu kuqhelelana phakathi kwe-Australia/New Zealand neNingizimu Afrika kodwa ukumiswa kwemidlalo ngenxa yeCoronavirus kukuveze obala ukuklayeka kobudlelwano.