MHLELI: Lona ngumbuzo ongaqali ukubuzwa yiningi elakhele lesi sifundazwe kodwa kudala unkeneneza kosopolitiki, kosomabhizinisi nakubantu nje balesi sifundazwe. Lolu udaba olwaluxoxwa ngaphambi kokuba sithole inkululeko ngo 1994.
Sizokhumbula ukuthi owayengumengameli we IFP uDkt Mangosuthu Buthele wake waluhlokoloza udaba olufana nalolu ngezikhathi zeminyaka yawo-1980 kuya ko-1990. Sizokhumbula ukuthi nangesikhathi seCodesa kwaba udaba olwaluyinzukazikeyi abaningi lwabama emphinjeni ngoba iningi lezakhamuzi lalifuna ukuthi kube khona iFederal Government, njengalena eyayiseMelika.
Khumbula ukuthi uhlelo esinalo njengamanje iningi lezifundazawe alikwazi ukunika izifunda amandla aphelele okuthi zizilawule. Njalo uma kunenkinga kumele kujikelezwe kuze kuyofika phezulu kuMengameli, naye uthatha isikhathi sakhe ukuthi aphendule, noma esephendulile udlulisela kongqongqoshe nabo balucubungule udaba baze baphendule umonakalo usudalekile.
Lokhu sikubonile kwenzeka ngale mibhikisho ukuthi uhulumeni omkhulu uyaphuza ukungenelela uma kunenkinga. Futhi kuqale kube nempikiswano phakathi kukamengameli nongqongqoshe bakhe. Ukuba uhulumeni wesifundazwe iKwaZulu-Natal ubulawulwa ngokwe Federal Government, ngabe ukwazile ukunqanda imibhikisho ebinodlame.
Sibonile ukuthi kahle hle uNdunankulu akanawo amandla okwenza noma yini ayithandayo, amandla akhe anqindwe iPitoli, kumele alinde umyalelo ovela phezulu ukuze kubhulwe umlilo, nalapho akanako okokubhula umlilo ulinde usizo oluvela phezulu nalo olungekho. Ukube belukhona ngabe isifundazwe asiwona umlotha, ngabe lolu dlame olungaka lunqandwe ngamaphoyisa namasosha esifundazwe.
Ngicabanga ukuthi ngenye yezinto ezenze kwahlaluka obala ukuthi asinamaphoyisa, amaphoyisa amabili angazinqanda kanjani izinkulungwane zabantu, nawo amaphoyisa angabantu, anemindeni, ngeke aziphonse emlilweni ebhekile.
Uma kungakhiwa iFederal Government, uhulumeni wesifundazwe angakwazi ukuzilawulela ibhange loMbuso lesifundazwe, nentela, angakwazi ukusiza ekwakhiweni kwengqalasizinda, bese enza inzuzo ngomnotho wesifundazwe, amalahle, ezolimo, ichweba, nabantu besifundazwe babhukule bakhe umnotho ngokuthi baziqalele amabhizinisi bayeke ukukhongozela izimvuthu ezivela kuhulumeni kazwelonke.
Uhulumeni weFederal Government awuchazi ukuthi isifundazwe sesizimele kodwa uba namandla athe xaxa ukwenza izinto ngaphandle kokwesaba ukuthi usunyathela amaqakala kuhulumeni omkhulu. Sikubonile ukukhala kosomabhizinisi befuna usizo zisha izitolo zabo usizo lungekho, ngisho nezicishamlilo beziyingcosana, amabhizinisi alothe phambi kwazo.
Ukuba bekuyiFederal Government, ngabe lezi zinto bezanele ukubhekana nesimo futhi ngabe izwe alilothanga. Kodwa umbuzo usamile wokuthi ngabe singakwazi ukuzilawula? Singayivimba kanjani inkohlakalo edla lubu kuhulumeni nasemphakathini? Ngabe kungaba yikhambi ukuzimela? Iqhaza leSilo njengobaba wesizwe lingavela?
Vusezakithi Mkhize
eThekwini