UMENGAMELI we-ANC uCyril Ramaphosa, uzokwethula inkulumo kaJanuwari 8 kusasa, azi kahle kamhlophe ukuthi inhlangano yakhe ifana nomkhumbi ozikayo.
Yize kunjalo kepha kulindeleke ukuthi aqhakambise “impumelelo” engekho njengoba kukuncane kakhulu i-ANC ekwenzile, uma kubhekwa izethembiso eyazenza ngesikhathi ethula inkulumo yomgubho ofanayo nyakenye.
Empeleni, i-ANC ilibangise emgubhweni weminyaka engu-110 ngale mpelasonto, ihlukene phakathi kakhulu kunakuqala futhi isazikhotha amanxeba ngenxa yokubhacaza okhethweni lohulumeni basekhaya obelungoNovemba 1.
Ukuthi leli qembu alikazixazululi izinkinga noNobhala jikelele walo u-Ace Magashule, kuyizinkomba zokuthi uhlelo lukaRamaphosa lokuvuselela kabusha i-ANC, aluphumeleli. Eyokuzikhuculula nayo ibukeka ingayi ndawo. Lokhu kubonakala ngabantu abamanaphanapha kwiKhabhinethi yakhe.
Ubuholi bukaRamaphosa butholakale buthatha ngesinxele kwezinye zezikhathi ezibaluleke kakhulu ezweni, okuhlanganisa nangezibhelu zanyakenye.
Ukwamukelwa okubi akuthola ngesikhathi ekhankasela iqembu ngaphambi kokhetho lwakamuva, kumele kube yisikhathi esiphoxa kakhulu kunoma yimuphi umengameli, okuhlanganisa nokuthethiswa ngabalandeli beqembu ngemuva kokuvota eSoweto.
Abanye sebethe ukuqubuka komlilo ePhalamende, kuwuphawu lokucekelwa phansi kwe-ANC futhi kuwukuqhubeka kwempi yangaphakathi. Kukho konke lokhu umengameli ubukeka esephelelwa yizaba.
Kuncane okukhombisa ukuthi kukhona okungalungiswa ngokushesha kumonakalo odaleke ngokulawulwa koMbuso yidlanzana. Ukwehluleka odabeni lomhlaba kungezinye zezinkomba okumele kulindelwe kwi-ANC. Inkohlakalo ibukeka ibhebhetheka kakhulu futhi akuboshwa muntu. Konke lokhu kukhomba ukuthi le nhlangano iyehluleka ukuzilungisa njengokuthembisa kobuholi bayo.
Nokho-ke ukufinyelela kwanoma yiliphi iqembu eminyakeni engu-110, kuyingqophamlando okumele abasunguli balo baziqhenye ngayo. Ngabe kukhona ukuziqhenya kwi-ANC ngalokhu?