UMA uhluleka wukuzilungiselela vele usuke. Uyinkinga umuntu ogulayo kodwa ebe engavumi ngoba akulula ukumsiza.
Uma sicabangela izwe ngakunobhutshuzwayo noma kanjani kufanele Amazulu, Kaizer Chiefs, Orlando Pirates neMamelodi Sundowns bahlale bephezulu ngokwezinga. Noma kanjani singanqoba izizwe e-Afrika.
Ngake ngakhuluma ngemithuqasi yabadlali ikakhulukazi eyokufika, angishongo lutho ngemithuqasi yabaqeqeshi. Konke lokhu okwehlela izwe neqembu elinabalandeli abaningi kuleli liqhudelana namazwe ama-Arab asenhla, ne-Afrika okuyi Kaizer Chiefs.
Konke lokhu kwaqala mhla uNasreddine Nabi eyogijimisa leli qembu emahlathini nasezintabeni zaseTurkey, uma esho wayethi ulungiselela ukuqala kwesizini.
Leli qembu waliphendula iKaizer Chiefs Athletics Club, noma kanjani imidlalo ayilungiselelwa ngokufana, ngeke ababhukudi bazilolonge njengabashayisibhakela kanjalo, nabagijimi ngeke bazilolonge njengabadlali bentenesha kuqhubeke njalo.
Uma ubheka manje abadlali beqembu balimala kakhulu, bayaqagela uma bedlala, imiphumela yabo ayilandeleki badlala kakhulu uma bedlala ne-Orlando Pirates, neMamelodi Sundowns. Kufike amaqembu amancane azithathele amaphuzu agcwele. Abanayo indlela yabo ehlukile yokudlala efana nesiko ukuthi badlala kanjani. Njengoba kuza iNedbank Cup ngeke wazi ukuthi bazokwenzenjani. Ngenkathi uthi bazohlulwa uthathela ekubozeni kwabo bavele bakumangaze. Ngiyazisa mhla leli qembu laba nesizini lapho liyobanga ukudliwa yizembe.Namuhla uneKaizer Chiefs esike ihlulwe ukungena kwiTop 8.
Leli qembu esalibuka lisaqala ngo-1970 sisengabafundi akekho owayazi ukuthi kuyoke kube nje, lalidla zonke izicoco. Kokunye kwakwenziwa ukuthi nezingane zikaKaizer Motaung zazingekho kukhona abantu ababazi ukuthi kudingeka imiphumela, kungenjalo, ubone oze ngayo.
Ukufika kukaNabi kuleli qembu kungesinye sezehlo ezimbi ezake zalivelela. Kuyaqala ukuthi umqeqeshi eyedwa ahlulwe imidlalo engu 12 kwengu 26, yirekhodi engingakholwa wukuthi ukhona umqeqeshi oyofisa ukulenza aledlule.
Okuxakayo uyilo mqeqeshi onabadlali abathandayo noma beshovela iqembu phansi, ngingelibale wukuthi kwalona iqembu alinabo abadlali abafanele. Kunjalo ke lokho okukhona akakusebenzisi ngendlela. Ungasho nje ukuthi lonozinti okuthiwa wuBvuma usamfakelani?
Ngeke aze avimbe ngisho eqenjini lesikole.Ibhola alivimbayo yilelo elisuke liqonde kuyena. Uyabhava ngamabhola amanye aputshuka ngaphansi kwezinyawo.
Leli qembu linemali. Ikuphi-ke inkinga yokulanda unozinti.Okwamanje bangcono kwalaba abakhona oNtwari noPeterson pho usafakelwani?
Kubenalo mfana ofike njengesishingishane kanti umlilo wamaphepha uMduduzi Shabalala uyivila, uyaziqhenya, akamaki.
Lokho kufana nokuthi iKaizer Chiefs ihlale idlala ingaphelele.
Pho usayiqalelani imidlalo. Amaqembu ayizimbangi Orlando Pirates, neMamelodi Sundowns adlalisa abafana abancane ukuze bakhule bathole isipiliyoni.
Lapha kwiKaizer Chiefs kunoMfundo Vilakazi onethalente lemvelo odlala ibhola esilaziyo kodwa udliswa ama ayisi ngoba uNabi uqhamuka kwisimo lapho kuthiwa akuvunyelwe ukujika ,akubukiswa ngomunye umdlali, thina eMzansi iyonanto esiyiyela enkundleni.
Nakhona ujika ngokuyinhloso yokususa umuntu ohambi kwakho bese liqhuma enethini.
Kulo mlando wokuwola zonke izinkomishi leli qembu lalikujika uze uhuhuluze ngesisu oTeenage Dladla, Doctor Khumalo, Shakes Kungoane, Maria-Maria Lamola, Shaka Ngcobo, Bhiza Dlamini kungashona ilanga,pho isitayela esiwinisayo siyekelwani?
Kwakhona nje ukuthi ithimba labaqeqeshi kube abokufika bodwa nabangalwazi usiko lweqembu kukushiya ukhexe umlomo.Kunomfana wakwaHlongwane odlala kwiDDC yeKaizer Chiefs edle lesi sicoco. Lo mdlali ungcono kunabadlali abaningi eqenjini. Ukuba ukwi-Orlando Pirates noma Mamelodi Sundowns noma kanjani ngabe usedlala eqenjini elikhulu.
Ngiyazi mhlawumbe angaqhosha ngokuthi iqembu ulifake kwiNedbank kowamanqamu. Ngiye ngithi imidlalo yomkhumulajezi ngeke ukale ngayo ubukhulu beqembu.Vele injalo iyamangaza ngoba uba nenhlanhla uchushe uvike abantu abebengakushaya.Dlana iligi bese sikubala nezinkunzi,hhayi oqhwasha bomkhumulajezi.
Umbuzo umile leli thimba alikwazi ukwehlukanisa ushoki noshizi.Wona umndeni wakwa Motaung uthule uthini kudlalwa ngefa uKaizer Motaung alisebenzela kanzima,yena ke uthini ngoba ulidlalile ibhola waliqeqesha futhi leli qembu lisaqala.
IKaizer Chiefs ingalenzi iphutha lokumgcina uNabi okulokhu kuthiwa usapheka ukudla okungavuthwa noma kungenzeka ayiwine iNedbank Cup,ngoba akaphethe lutho.