Mhleli: Ngibingelela kuwe nabafundi bephephandaba. Ngithatha leli thuba ngibingelele abathandi bomculo kamaskandi okuyibona engikhuluma nabo.
Singabathandi bomculo kamaskandi, sesikhathele yile nsizwa ezibiza ngenduna yabalandeli engachemile kodwa njalo uma ulandela imibhalo yayo ezinkundleni zokuxhumana, kucace bha ukuthi ingumlandeli kaMthandeni ‘Gcokama Elisha’ Manqele.
Iyona lena esesithombeni, izibiza ngoSizwe Ndlovu Kwasjula induna yabalandeli engachemile. Kepha sesiyazi ukuthi ingumlandeli weGcokama Elisha, iphinde yesekele kakhulu uNgizwe Mchunu.
Lalela-ke Ndlovu sikutshele thina, wena awuyona induna yethu. Sesikhathele nguwe manje ezinkundleni zokuxhumana.
Njalo ubhala izinto ezincoma uMthandeni kodwa awukhulumi lutho ngoKhuzani Mpungose, uma enze kahle.
Ndlovu nguwena lona, obuzama ukuhlohla abalandeli beGcokama elisha ukuthi abamashe baye ezindlini zomsakazo uKhozi FM, ngesikhathi ungadlalwa umculo walo ohlelweni lukaSgiya Ngengoma. Kodwa uthi awuchemile?
Asizona izingane thina bhuti wakwaNdlovu. Njalo ugxeka abantu abangezwani noMthandeni kwiFacebook.
Zolo lokhu ububhala emaphephandabeni ugxeka uKhathide Ngobe uthi akakhishwe kuSgiya Ngengoma ngoba ubengaboni ngaso linye noMthandeni, kepha uthi awuchemile.
Kumanje u-Ali Mgube ukhiphe ingoma egadla kuMthandeni, wena wagijima wagxeka u-Ali kwiFacebook. Wamthuka, uthi wenze iphutha uma egadla kuMthandeni.
Kepha mhla uMthandeni egadla ku-Ali wathula. Awuzange ukhulume.
Lalela Ndlovu, cacisa ukuthi usebenzela uMthandeni. Uyimpimpi yakhe noma uyakukhokhela?
Kasinandaba nalokho kodwa esingakufuni wukuthi uzibize ngenduna yabalandeli engachemile kodwa ube uchemile.
Thina sazi izinduna zabaculi zangempela, wena uyazigaxa, uyinduna kaMthandeni, sesiyakwazi lokho.
Thulisani Myeza
EThekwini