MHLELI: Bengithi ngeke ngiluthathe usiba lwami, ngikhale kule nkundla osinika yona singabafundi bephephandaba lakho. Ngenxa yezimo ngaphoqeleka ukuba ngidlulise isikhalo ngomasipala weTheku.
NgoDisemba 31 nyakenye umakhelwane wami wawelwa wudonga abiye ngalo, amanzi angena endlini ngenxa yemvula eyayinamandla. Asilalanga sisiza umakhelwane, sishanela amanzi emvula kwazise kwalimala nempahla yakhe. Ikhansela laseNanda Glebe labikelwa, kodwa kuze kube yinamuhla akukho okwenzekile kanti udonga lusawa futhi lokho sekubange ukuthi kusuke umsindo nakomunye umakhelwane.
Ngabe bukhona ubulungiswa ekutheni inhlekelele ingenzeka ngoDisemba 31, 2020 ebusuku kodwa kuze kube yinamuhla akwenziwa lutho? Akungadlalwa ngathi sibuka. Nomgwaqo awunatiyela kodwa osiyazi bathi ngokwebalazwe (map) kamasipala likhona itiyela. Asingenziwa izilima size sibone.
Masuku
eNanda Glebe