Imibono

Mayingazithambisi i-Afrika mayizicijele i-AI:umlobi

Mpume Nzimande|Published

INCWADI: African artificial intelligence

UMBHALI: Dkt Mark Nasila

ABASHICILELI:Tracey MacDonald Publishers

ININGI lezifundiswa libhukulile, liluleka ngokubaluleka kwe-Artificial Intelligence(AI) futhi likhuthaza i-Afrika, ukuthi ingazithambisi.

Phakathi kwezifundiswa ezenze ucwacingo ngokubaluleka kokuthi i-Afrika, ibe neqhaza ekuthuthukiseni impilo nomnotho, kubalwa uDkt Mark Nasila. Akaphiki ukuthi kukhona okubi nge-AI njengokulahlekelwa kwabantu yimsebenzi kepha uthi kukhona okungenziwa ukuze kubhekwe amasu okulwa nakho.

Encwadini ethi African artificial intelligence, uDkt Nasila ucubungula amagxathu ambalwa asethathwe ngamanye amazwe ase-Afrika, okubalwa iGhana, iNingizimu Afrika neNigeria.

Ekhasini 9, uNasila ubhala kanje:“Kumanje abeGoogle sebevule isikhungo eGhana (okuyizwe lokuqala ezwenikazi) esizocwaninga kabanzi nge-AI kanti abe-IBM nabeMicrosoft basezinhlelweni zokuthuthukisa abase-Afrika abanethalente kweze-AI."

Kayisele ngemuva iNingizimu Afrika, miningi imizamo esiyenziwe yokuthuthukisa ulwazi lwe-AI kepha inkinga abantu baswela uxhaso lwemali. UDkt Nasila welulaka ngokuthi i-Afrika mayingazithambisi ngoba sithanda, singathandi i-AI ikhona futhi kuningi okuzoshintsha.