MHLELI: Kunamazwi eBhayibhelini athi uSathane wumkhohlisi nomdukisi wezwe odukisa abantu. Impela manje ngibona sengathi uSathane useyazenzela nje la kithina. Akukona ukuteleka kwabantu lokhu futhi ungathi sebesetshenziswa wuSathane.
Udlame olungaka, ulaka olungaka, ubudlova obungaka. Hhayi akusekhona ukufuna izidingo phela lokhu kodwa sekuwukuziveza kukaSathane kubantu abangakholwa. Izidingo zomphakathi sonke siyazifuna kodwa uma sekuliwa kangaka akuseyikho. Le nto ngike ngayibona kwenye indawo ngidlula eDenny Dalton abantu bebhikisha. Babeshaya izimoto zabantu ngamatshe bethulula ukudla emalolini. Abantu babevutha bhe ngisho nezingane zesikole zivuka umbhejazane. Akekho umuntu ozihloniphayo nohlonipha abantu ongenza into engayibona.
Kwethusile nengikubone eRichards Bay abantu bejikijela izimoto zabantu ngamatshe. Sike sakubona lokhu nakwezinye izindawo.
Ngizocela abantu bake bazihlole ukuthi abasasetshenziswa yini omubi. Phela uma esesebenza ungena engqondweni kuqala. Akunqatshiwe ukuthi abantu babhikishe kodwa uma bekwenza lokho abangacekeli phansi impahla yabanye abantu abayeke nokulimaza abantu abangenacala. Le nto isenza inhlekisa kwamanye amazwe. EPhalamende ‘‘kunezinhlanya’’ zakhona nasemphakathini kukhona ezakhona kusho ukuthi eNingizimu Afrika konakele kakhulu. Kahleni bakithi ake sibe nobuntu nokukholwa singavumi ukusetshenziswa uSathane kangaka sengathi asiphilile kahle emakhanda.
Sazenza inhlekisa nje ezweni nakwamanye amazwe. Kahleni bakithi asiyeke ukwenza okuphambene nokulunga. Asiteleke kodwa esikwenzayo kungagcini sekuhlukumeza abanye abantu abangahlangene nezinto esisuke sithi siyazilwela. Le lizwe liya ngokuya lishabalala. Abantu babuswa wubudlova bavumela ukusetshenziswa wuSathane okubukeka sengathi uyachanasa.
Nalaba abathi bafuna umhlaba awazi ukuthi bazowenzani ngoba abanye bayehluleka ukuwusebenzisa. Badlala uSathane ofuna ukusibulalisa ngendlala.
Malibongwe Matiwane
EMakhosini