MHLELI: Ngicela ukuxwayisa umphakathi ngokuthi upheze ukusabalalisa ulwazi olungacwaningiwe ngongoti abamele leyo mikhakha futhi olungamanga.
Ngiloba kuleli phephandaba nje, ngidumele kakhulu ngenkulumo eqoshiwe ezungeza ezinkundleni zokuxhumana ematanisa imibhoshongo yamaselula i-5G nobhubhane oluhlasele umhlaba iCorona. Ngicela ukucacisa ukuthi akusilo iqiniso ukuthi imibhoshongo ye-5G isabalalisa iCorona. Kuzo zonke izincwadi engizifundayo angikaze ngihlangane nalolo lwazi, ngakho-ke angiqondi le nkulumo iqhamuka kuphi.
Okungiphatha kabi kakhulu ukuthi izodukisa isizwe ngoba ngiyicaphuna njengemfundisoze. Asihlukane nokusungula amahemuhemu angelona iqiniso nezinkulumo esizenza lapho sihlezi khona kamnandi phansi kwezihlahla, bese sizishicilela ezinkundleni zokuxhumana ngoba sizibulala thina uqobo nesizukulwane sethu ngaleso senzo.
Sinongoti abaqeqeshiwe kwezobuchwepheshe ngakho-ke asingazihlaziyeli ngoba sizofaka iNingizimu Afrika, ehlathini elimnyama. Kunomlobi obhale kule nkundla kuleli phephandaba ecela ukuthi umengameli asitshele iqiniso ngalezi zinsolo. Angiphikisani nalo mbhali ngoba ubefuna isisombululo ebona sidunguza oswini. Kepha bengizothi asingamfakeli uhulumeni ingcindezi ngokuthi sisungule izinto ezingamanga sisodwa bese sifuna kube ngumengameli ozochaza.
Kuyathusa futhi kuyadumaza ukuthola ukuthi lezi zinsolo sezisabalele kangaka nje kanti zisuka ekhanseleni loMkhandlu weTheku ku-ward 24 uMnuz Sifiso Mngadi. Lokhu akulindelekile ukuthi kwenziwe umholi womphakathi futhi osesikhundleni esihloniphekile sokuba yibukhansela.
Okushayisa ngamahloni akathandi ukuhoxisa inkulumo yakhe axolise, kunalokho uqinisa ikhanda futhi ukubeka kucace ukuthi akazisoli. Iphutha aliphuthi, ngicela wehlele ngezansi Madlokovu, uvume kushelele ulimi.
Inkulumo efuze le ingikhumbuza umlaleli woKhozi Fm uGoliyathi, ovele athi iCorona ngeke imngene yena ngoba unembiza yakhe, ayisebenzisayo. Ngicela abaphathi bezinhlelo zoKhozi FM, babaqikelele abalaleli abadukisa isizwe, bagweme nezinkulumo zabo zisaqala zingaze zizwakale emoyeni. Akulona icala ukuvala umuntu odukisa isizwe ngombono wakhe. Kulolu daba olungundabamlonyeni lokumataniswa kwe-5G neCorona sebecacisile ongoti ukuthi ngamampunge wodwa lawa. Asihlukane nokwenza izinsolo ezinje, sibe yizakhamuzi eziqotho zaseNingizimu Afrika.
Phondolwendlovu Mzolo
KWANYAVU