MHLELI: Ngithi angiphawule ngomshikashika wokubuyisa abasakazi ababenohlonze njengoba uKhozi FM lubungaza iminyaka ewu-60 lwasungulwa.
Kuyiqiniso ukuthi bayibeka induku ebandla. Kuwumbono wami ukuthi nakuba ngizazi izinkakha, ngingajabula ukuzizwa kuKhozi olumaphikophiko. Kufanele kodwa ukuthi sihloniphe labo basakazi abathole ithuba eliyingqayizivele lokuthi uKhozi lugubhe le minyaka, kuyibona abayibambile.
Masikhumbule ukuthi nabo baqashiwe njengoba kwakuqashwe asebahamba, ngezizathu ezehlukene.
Uma kukhona abangabuyela kungakuhle lokho, uma kuzoxoxiswana ngendlela eyakhayo futhi kulandelwe imigudu efanele. Uma kungeke kwenzeke lokho, kuhle sivume futhi siqhubeke seseke abakhona njengoba seseka labo asebahamba. Ngicabanga ukuthi abasakazi abakhona njengamanje, banekhono lokuwuphusha ngempumelelo lo mgubho.
Nginxusa abasakazi nabaculi ukuthi bazame ngayo yonke indlela, uma kukhona lapho benyathelane khona amakhona, bakulungise lokho ngasese. Bangabhixani emaphephandabeni nasezinkundleni zokuxhumana. Ngineqiniso lokuthi abaphathi boKhozi bafundisekile ngokwanele ngokubaluleka kwabaculi.
Sengiphetha kungakuhle ukuthi abantu bapheze ukusebenzisa amaphephandaba ukuvukuza izinto, thina balaleli esingenalo ulwazi olugcwele ngazo.
Siphinde sikhumbuzane ukuthi ukusakaza kuwumsebenzi engicabanga ukuthi abasakazi abakhona, bawenza ngokukhulu ukuzinikela.
Nalaba esibakhalelayo balandela izinkakha ezindala ezinye esezalala kobandayo, kuzo singabala ubaba K E Masinga, Koos Radebe, Ronnie Masilela, Lindiwe Ntuli, Kansas City Mchunu, Sjula Mnisi, Muvo Maphalala, Dalton Thamsanqa Mngwenya, Shadrack Ngwenya, Bawinile Mahlangu, Philip Bafana Zwane, Jabulani Sibisi, nabanye abaningi.
UKhozi luhamba phambili!
Nkosinathi Mbedu
KwaSwayimane