MHLELI: Ukudla okuningi esikudla esikhathini samanje kukhuliswe ngamaphilisi namakhemikhali. Okunye kuthakwe ngamakhemikhali akwenza kuhlale isikhathi eside kungaboli.
Ukudla esingakuthengi ezitolo njengenkukhu efuyiwe, amasi esizisengela wona kuhlala usuku nje kuphela kubole, uma kusehlobo kodwa lokhu okuthengwa ezitolo kuhlala kuqede inyanga yonke kokunye, unyaka wonke kusemashalofini ezitolo.
Ukudla okusemathinini nokungamafutha njengebhotela yikhona okudlulelwa yisikhathi emva konyaka. Hhayi impela ukufa kungena ngomlomo emhlabeni!
Kukangaki nje abantu betshelwa ukuthi ababuyisele ukudla asebekuthengile ezitolo ngoba sekutholakele ukuthi kunobuthi obungene ngephutha ngenkathi kukhiqizwa.
Isibonelo kunemikhiqizo okubalwa opholoni lapho umphakathi watshelwa ukuthi awubuyisele emuva ngoba sekutholakale ubuthi kuwo.
Lukhulu luyeza kwabadla kwasani esezitolo ngisho kungenasidingo.
Kungcono sizilimele izinto ezinjengesipinashi ukuze sithole imisoco yemvelo futhi engenabungozi empilweni yethu. Uma ubuka nje inyama yenkukhu etokiwe ( chicken portion) uyayibona ukuthi ayinampilo. Masidlele ukuxosha umphangazane hhayi ubumnandi ngoba ukudla nezifo kuhlobene.
Simo Shangase
EHOSTELA EDENVER