NJENGOBA iNingizimu Afrika igubha iNyanga yeNtsha, lapha KwaZulu-Natal Tourism and Film Authority (KZNTAFA), siqhakambisa esikwenzela intsha emikhakheni yezokuvakasha nowamafilimu.
Kwenziwa okuningi ukwakha isizukulwane esilandelayo sabadidiyeli bamafilimu nosomabhizinisi bezokuvakasha kanye nasezimbonini ngokwazo. Ngesonto elizayo futhi nangenyanga u-Agasti izethameli zeziteshi zethelevishini zizobona imisebenzi yabadidiyeli ababili abasebasha baKwaZulu-Natal abathole ithuba lokugqama ngenxa yokusekelwa yiKZNTAFA.
Konke kwaqala ngesikhathi sixhasa uNkk Sthobile Hlophe noMnuz Nqanawe Shangase ukuthi babambe iqhaza ohlelweni lweYouth Filmmaker Project ngaphansi kweNational Film and Video Foundation (NFVF) ngo-2023–2024. Lolu hlelo lokuqeqesha nokweluleka unyaka wonke luhloselwe ithalente elivelele ekubhaleni nasekuqondiseni amafilimu ezweni lonke. Manje amathalente kaNkk Hlophe noShangase azovezwa kwiSABC 2 ngoJuni 22 nango-Agasti 3.
Umdlalo osihloko sithi “Moment In Between” obhalwe nguNkk Hlophe noRaihaanah Sayed, uzosakazwa kuqala, kuthi “iQuantum” ebhalwe futhi yaqondiswa nguShangase, iboniswe ngo-Agasti.
KZN FILM FUND
I-KZNTAFA inemali ebekwe eceleni yamafilimu, u-30% wayo ohlinzekelwe izinhlelo zokuthuthukisa intsha. Le mali inohlelo lokuthuthukisa nokukhiqiza olugxile entsheni lweminyaka emibili. Lungolwentsha yaKwaZulu-Natal kuphela futhi luqhutshelwa abadidiyeli bamafilimu abangafinyelela kwabangu-10 ngonyaka.
Lolu xhaso lulekelela nabadidiyeli bamafilimu abasha abasezindaweni zasemakhaya eziqhelile emadolobheni amakhulu. Kulolu hlelo kuhlomula u-62% wabesifazane. Phakathi kwezindawo esesifinyelele kuzo singabala iLembe, Mpophomeni, njengoba kumanje kuhlomula indawo yaseMzinyathi.
UGQOZI
Ongoti embonini yamafilimu bathi intsha igqugquzela kakhulu izethameli futhi ishintsha ikusasa lamafilimu nethelevishini. UMnuz uDavid Mukwevho wenkampani iStained Glass TV uthi intsha enobuciko ayilindeli amathuba kuphela, iyawadala. Bacaba izindlela ezintsha zokuxoxa izindaba besebenzisa izinkundla zokuxhumana. Intsha ithola amasu amasha okwenza imali. Ngezinkundla zokuxhumana bafinyelela ezindaweni obungeke wazicabanga besebenzisa i-internet namathuluzi e-AI (artificial intelligence).
Ubuchwepheshe abuyona inkinga entsheni, kodwa buyinsiza yokukhulisa ubuciko. Laba bantu bangabashintshi bezimo, beklama imingcele emisha okuphonsela inselelo izindlela ezikhona zokusabalalisa ulwazi.
Empeleni, iningi lamathalente athuthukiswe yiStained Glass ngokwayo selivele lisemazingeni aphezulu. Abanye sebengabaqondisi bamafilimu, abakhiqizi nababhali, okuyiqiniso eliveza ukuthi imali etshalwe ekuthuthukiseni intsha iletha imiphumela ethinta futhi eguqula imboni uqobo.
ABASUNGULI ABASHA
Intsha inothando futhi inentshisekelo enkulu yokungena embonini, ngokusho kukaNkk uBonie Sithebe weDurban Motion Pictures. “Abantu abasha bafika nomfutho omusha, banesifiso sokufunda nokwenza okwehlukile,” kusho uNkk Sithebe.
UNkk uNilesh Singh waseVideovision Entertainment wengeza ngokuthi intsha iletha imiqondo emisha nemisebenzi yokusungula. Inselelo enkulu embonini “ukungashintshi ngokushesha kwezinhlelo ezindala zezindaba ukuze zihambisane nesimanje kwezobuciko.”
I-Videovision Entertainment isike yamukela abafundi abaningi abenza umsebenzi wokufunda eminyakeni edlule, futhi inikeza amathuba okufunda ngomsebenzi nokuqeqeshwa. Le nkampani inesivumelwano neNational Film and Video Foundation (NFVF) sokuthatha abafundi nabathola ulwazi lomsebenzi ngokusebenzisa uhlelo olubizwa ngeGet On Set Mentorship Programme. "Ukungena embonini kuqala ngephupho nothando lokuba yingxenye yayo," kusho uNkk Singh.
ABAHLUMULA NGEZOKUVAKASHA
I-KZNTAFA ibe nempumelelo enkulu eminyakeni edlule ngokunikeza izibonelelo zemfundo eziphumelele kakhulu emkhakheni wezokuvakasha. Uhlelo lwethu lwe-Enterprise Development Programme olubhekiswe kumaSMME selusizile amabhizinisi amaningi aphethwe yintsha. Lezi zinhlelo zenzelwe ukuthuthukisa ingqalasizinda, ukuthuthukisa ulwazi lwezivakashi kanye nokuqinisa ukusimama kwamabhizinisi ahlukahlukene emiphakathini. Isibonelo, eBelz Boutique Hotel eseXobho, esifundeni iHarry Gwala, sathola ukwesekwa ngokunwetshwa kwendawo yokudlela kanye nokufakwa kwama-blinds.
Lokhu kuphuculwa kwandise izivakashi ngesikhathi sokudla futhi zandise amandla ehhotela okuheha izivakashi. Lesi sinyathelo sisekela ukukhula komnotho wendawo ngokuphakamisa ihhotela njengendawo ehehayo ezivakashini kanye nabahambela indawo ngokomsebenzi.
Siphinde sangenelela ekusekeleni iHlutankunga B&B khona esifundeni iHarry Gwala, ethole usizo lokuthuthukisa indawo yayo yokwenza imicimbi. Le ndawo isetshenziselwa imishado nemihlangano yomphakathi. Sanikeza iB&B ama-outdoor blinds, avumele indawo ukuthi iqhubeke nokusebenza noma ngabe izulu lilibi. Ukungabi khona kwezindlela zokuvikela isimo sezulu phambilini bekudala ukuthi imicimbi ihlehliswe kaningi, kuholele ekulahlekelweni yimali ebizongena.
IZINHLELO ZOKUQEQESHWA NGEMISEBENZI
Emkhakheni wezokuvakasha, amahhotela eSouthern Sun aseThekwini anohlelo lokuqeqesha abafundi abaphothule isikole abanamakhono, ikakhulukazi labo abanentshisekelo yokungena emkhakheni wokulungisa nokugcina izakhiwo nemishini.
UNkk uSamantha Croft, ongumqondisi wezemisebenzi eSouthern Sun KwaZulu-Natal, uchaza kanje: “Sibambisene neGeorge Campbell School of Technology futhi minyaka yonke samukela abafundi abayisikhombisa kuya kwabangu-10, sibahambise emahhotela ethu ehlukene ukuze bathole ulwazi oluphelele lokusebenza.”
I-Oyster Box Hotel eseMhlanga nayo inezinhlelo ezintathu zokuthuthukisa intsha. Ngo-2024 leli hhotela lathatha intsha engamakhulu amabili engasebenzi ohlelweni lweProfessional Cookery Learnership. Kulabo, abangu-15 bathole izitifiketi zeNational Certificate, kanti abahlanu baqashwa ngokugcwele yihhotela.
Uhlelo lweYES (Youth Employment Service), oluxhaswa uhulumeni, lunikeze amathuba okusebenza kubafundi asebephothule izifundo zabo. Njengamanje, ihhotela linabafundi ababili abaqeqeqeshwa ngomsebenzi.
Ihhotela lithole nolunye uxhaso lokusingatha abafundi abaneziqu zeDiploma ezifundweni zeHospitality Management ukuze bathole ulwazi lwangempela lokusebenza embonini. Kusukela ngo-2023, i-Oyster Box Hotel isithathe abafundi abangu-46 ukuze bathole isipiliyoni somsebenzi. Abangu-16 sebeqashwe ngokugcwele.
Asingabazi ukuthi izikhathi esikuzo zinamathuba adinga ukwamukela ngazo zombili, kunezimpawu ezinhle zekusasa eliqhakazile njengoba intsha iqhubeka nokuba seqhulwini lezinhlelo zentuthuko nezamathuba emisebenzi.
UMnuz Sibusiso Gumbi uyisikhulu esiphezulu esibambile seKwaZulu-Natal Tourism and Film Authority