MHLELI: Ngihambisana nombono kaMnuz Linda Ndebele, oke wabhala ekhala ngokuthi iningi lamadolobha akithi okuyiPort Shepstone, Bulwer, Harding, Richards Bay namanye kumele ashintshe amabizo awo, abizwe ngamagama ayebizwa ngawo bengakafiki abeNgwadi.
UMgungundlovana (Greytown) wethiwa ngoMnuz Earl Grey owayengunobhala wezindaba zamakoloni.
I-Escourt (Mtshezi) esungulwe ngo-1843, yethiwa ngoMnuz Thomas Escourt, owabe elilungu lezigele. I-Newcastle esungulwe ngo-1854 yayibizwa ngeWaterfall,ngenxa yempophoma yomfula iNcadu, ekuleziya zinkalo. Yabuye yethiwa ngeDuke of Newcastle, owabe engunobhala weBritish Colony.
Kubuhlungu ukuthi kunedolobha iPinetown, elethiwe ngomhlukumezi omkhulu Sir Benjamin Pine, owahlukumeza inkosi Langalibalele 1 Hadebe.
Nguyena owashisa iThembeni Royal Residence, okwakuyisigodlo senkosi Dabeka Ngcobo yamaQadi. Kuyabongeka ukuthi iKwaDukuza seyibizwa kanjalo kunalokhu eyayibizwa ngakho phambili. Kwakuthiwa iStanger iqajwe ngoMnuz William Stanger owayengusaveya. Yakhiwe ngo-1873.
Masihlangane sonke silwe nokuqeda izakhiwo ezethiwa ngamagama abantu ababesicindezela.
Phila N. Mthethwa.
Empangeni