EKHASINI lokuqala ephephandabeni lwangoLwesihlanu ngoMeyi 13, sishicilele isithombe esishaqisayo futhi esivusa umunyu.
Bekuyisithombe sikaLungisani Sithole (24) waseKenville, eThekwini, oshaywe wugesi watholakala elenga ezintanjeni zawo.
Kusolwa ukuthiu uLungisani ubeyingxenye yeqembu ebelizama ukuntshontsha amakhebuli eduze nesiteshi sezitimela eMngeni. Imizamo yamasela iphele kabuhlungu sekuphume umphefumulo futhi kushiya umndeni nesilonda esicabanga ukuthi kasisoze saphola.
Inkinga yokwebiwa kwamakhebula isikhathaze kakhulu eNingizimu Afrika, ngoba umthelela wakho kuba wukuphazamiseka kokusebenza kukagesi ezindaweni ezakhele lapho kuntshontshwe khona.
Abenza ubugebengu baphilisa kanzima umphakathi, osomabhizinisi, izikhungo nezinhlaka ezehlukene ezisebenzisa ugesi, ezinye zithembela kuwona ukufeza imisebenzi nezidingo.
Ngakolunye uhlangothi kubuhlungu ukushabalala kwempilo yomuntu omusha ngenxa yokugaxela ezenzweni zobugebengu. Abenza ubelelesi bokweba amakhebhula bazibeka engcupheni yokulimala noma behlelwe yilokhu okwenzeke kuLungisani.
Yize kukubi futhi kubuhlungu okwenzeke kuye, siyathemba ukuthi kuzoba yisifundo nakwezinye izigebengu zibuyeke lobu belelesi obubuyisela emuva izwe futhi obubeka nempilo yabo engcupheni.
Siduduza umndeni kaLungisani obungazi ngezindlela zakhe zokweba kodwa owaziswe sekonakele. Ungasakwazi ukumkhalima nokumeluleka.
Sifisa ukugcizelela nokugqugquzela kubazali ukubaluleka kokuthi bazikhathaze ngokwazi okwenzeka empilweni yengane noma ngabe ineminyaka engakanani ngoba bazokhululeka bazitshele ukuthi konke kuhamba kahle kanti konakele.