MHLELI: Ngisuswa yinkulumompikiswano ebiseSishayamthetho, lapho uNdunankulu uSihle Zikalala, esiphendule odado. Uthi akayibizanga imoto yamanzi ukuba imlethele amanzi emzini wakhe.Yebo, usho kanjalo.
Kodwa, ikhona imoto engavele iziqondele emzini kaNdunankulu ingabiziwe noma engenalwazi? Engingakusho nje, wukuthi uKhuzeni akangacashi ngesithupha ekubeni simbona. Okumele kushiwo nguKhuzeni ukuthi wayelethelwa amanzi ngoba enguNdunankulu, angasho ukuthi wayengazi.
Uma ubheka impendulo yakhe uyayizwa ukuthi inokudelela nje. Ngingomunye wabathi uhlulekile uZikalala ukuhola isifundazwe. Sekukaningi esolwa ngobudedengu obenzeka eminyangweni yesifundazwe, ekubeni ekhona. Bheka nje, ubudedengu besibhedlela esasizovulwa eNanda, ngaKwaMashu, asikaze sivulwe. Kunalokho uthule akambuzi nhlobo uNgqongqoshe woMnyanyo wezeMpilo uNomagugugu Simelane, othule sengathi udutshuliwe. Wonke lawa maphutha ngiwabeka kubaba wesifundazwe, onguSihle Zikalala!
Uma umnyango othile ungawenzi umsebenzi, wena njengoNdunankulu wesifundazwe, uthatha ziphi izinqumo? Kumele uZikalala afunde ukuthi singabantu, sithule siyabuka nje futhi sesaba ukujahwa nokuthukwa. UZikalala kumele avume nje, bese eyaxolisa ngokuthi imoto yamanzi yagijima yaya kwakhe, iyomfakela amanzi ekubeni wayengekho esesontweni.
Okungimangazayo ukuthi imoto ikwazi ukuyongena emzini kaNdunankulu ekubeni engekho? Hhayi, musa ukudlala ngathi Khuzeni ngoba asizona izingane.
Khabazela KB Mzimela
EZWELIBOMVU