MHLELI: Sekuyisikhathi sokuthi uTshatha Ngobe ongaconsi phansi kubalaleli akhule manje kwezokusakaza ikakhulukazi endimeni yokusakaza umaskandi. Lokhu ngikushiso ukuthi kulolu hlelo olushisayo, kumele aqhamuke namaqhinga okubumba abaculi bakamaskandi. Uhlelo lunabaculi abayaye bathandwe wumsakazi bese kuba nabathandwa abalaleli.
Empeleni angisiye umlaleli wokuqina walo msakazi futhi ngiyahluleka ngenxa yokuxinwa ukuya esontweni ngeSabatha. Engingakusho wukuthi ngiyaye ngizithuke ngilulalele uhlelo kodwa ngibuye ngishaywe indlela abalaleli abakhala ngayo. Okunye okwangikhalisa ukudlalwa kwengoma ekubeni ingadidiyeliwe. Empeleni kuwukudelela umthetho womsakazo uma wenza okungeyikho. Angeke sakuphika ukuthi uTshatha ungumsakazi othandwayo nowenzayo umsebenzi. Bengicela ahlukane namawongowongo amataniswa nawo. Lokho kuyongijabulisa ngoba ungumsakazi engizifelayo ngaye.
Sekukuningi kakhulu ukukhala ngakwenzayo, okusolwa ukuthi akakuhambisi kahle. Bengicela ukuba akuveze ukuba mnkantshubomvu kwezokusakaza futhi lokho kuyofundisa abanye ngoba uyisibonelo esihle kwabanye abasakazi.
Khabzela KB Mzimela
EZWELIBOMVU