MHLELI: UNobhala jikelele we-ANC osamisiwe, uMnuz Ace Magashule, makabhekane notwayi lwakhe yedwa angalokhu efaka abantu ezintweni abangazazi.
Kuyaxaka ukubona abantu begcwele imigwaqo beseka abasolwa ngokuba yizinswelaboya esezilibulele izwe.
Uma ubheka bonke laba abamesekayo nabo banotwayi lokubhekana nomthetho ngokusolwa ngenkohlakalo. Leli lizwe alisoze lalunga ngoba kudlalwa ngabantu abangazi lutho nabazihluphekelayo bafakwe emabhasini beyobaseka. Cishe bathola namaphasela omngena ndlini.
Bantu bakithi ake nivule amehlo nezingqondo zenu. Izwe ngabe likude kabi ukuba ayikho inkohlakalo. Manje kuba sengathi bayasukelwa. Thina sizwe esimnyama sisebumnyameni ngoba asikwazi ukuzicabangela. Sidlala lezi zigebengu zikaKhongolose. Zicebe ngemali yentela yethu eziyintshontshayo futhi zingaboshwa ngoba umthetho kade wabulawa ukuvikela zona belu lezi zinswelaboya.
Okhathazekile
ENew Germany