Distance Gumede
NGIYAZI ukuthi singabantu senza izinto ngendlela engafani futhi sicabanga ngokungafani, kodwa ngiyafisa abantu bazijwayeze ukungayifaki imithi othandweni ngoba uthando olunomuthi phakathi aluphili kahle. Akukhathaleki kungabe usetshenziswa owesifazane okanye owesilisa.
Namhlanje ngifisa ukukhuluma nabantu abakhonze kakhulu ukusebenzisa imithi ukuze baqinise uthando noma ukuze benze uthando lusebenze.
Okokuqala kumele nazi ukuthi uthando umuzwa ozifikela wona akusiyo into ongayakha noma ongayiphoqa, yebo ngiyavuma ikhona imithi yokwakha uthando kodwa imvamisa lolo thando alupheli kahle ngoba kusuke kuwuthando lokuzakhela.
Uthando olwakhiwe ngomuthi luba nezinkinga eziningi ngokuhamba kwesikhathi kokunye uthole ukuthi awusenayo imali yokulanda umuthi bese kuyaqala kuyamosheka okanye uthole ukuthi obumsebenzisela umuthi sebemvusile waphaphama umuthi awusazweli.
Ngaphandle kokuthi umuntu osetshenziselwe umuthi ugcina esedansela esakho isigingci kodwa buningi ubungozi obungadalwa umuthi kuloyo muntu, okungaba ukuthi omunye uyamgulisa mhlawumbe aze ashone ngenxa yedliso, omunye umenze aphathwe isifuba esingapheli, omunye umphendule isilwane ngisho uthi uyochama afune ukuhamba nawe.
Ngisho uya emcimbini ekhaya kini afune ukuhamba nawe agcine esekulusa engasafuni ngisho ubingelelwe abantu, isigcino akushaye uma ebona uhambisana nomuntu wobulili obungafani nobakho bese ekugcineni athi kungcono sife sobabili ngoba nginomona ngawe angifuni muntu eduze kwakho.
Kuningi nokunye okungaba ingozi othandweni olwakhiwe ngomuthi, yingakho kubalulekile ukuzifundisa ukuthanda ngenhliziyo yakho nangothando olusuka ekujuleni, uma seluphelile futhi ungaphoqi isimo kodwa wamukele bese uqhubeka nempilo yakho.
Ngiyazi sikhuluma nje baningi abantu abazitshela ukuthi basothandweni kanti olwamanga futhi lusazophela, ngiyafisa nalabo abazinikele ekwakheni uthando ngomuthi kube ukuthi sebeyayazi into abayifunayo nabayenzayo ngoba kubuhlungu ukudlisa ingane yomuntu uyiphendule isithithithi sakho ekugcineni uyilaxaze kanjalo ebese ilokhu ikulandela ngenxa yokuthi kunale nto owayifaka yona.Akusilona ke idliso elingena emlonyeni kuphela kodwa ziningi izinto ezenziwa abantu abomele ukuthandwa ngenkani.
Abanye bashiqeka nezinto ezithweni zabo zangasese ukuze babe mnandi ngethemba lokuthi ngeke uthando luphele.
Ngake ngasho ekuqaleni ngathi indoda iyakushiya noma umnandi, ngasho futhi ukuthi uthando lwakhiwa amagatsha amaningi ahlukahlukene, ayikho into eqinisa uthando ukudlula isimilo inhlonipho, ukuxhumana nokuzwana komoya negazi futhi nifane nabangani.
Umuthi ningawufaki othandweni lwenu ngoba uzomosha izinto futhi inhlonipho nokunye kwalokhu engikubale ngenhla kungaqhamuki kumuntu oyedwa kodwa akuqhamuke nhlangothi zombili ngoba phela niyathandana.
Ungazisebenzisela umuthi wakho uma ufuna ukuzihlanza wena ukuze ungabi nesigcwagcwa nakubantu futhi ukuze nezichitho zingangeni kalula kuwena ugcine usunesidina kumuntu wakho kodwa hhayi ukuthi uze uhambe impela uye enyangeni nesikhindi somuntu wakho sangaphansi ngoba uthi ufuna ezwe wena wedwa okanye induku ivuke uma elele nawe wedwa okanye uma nje eke wakhulunyiswa yindoda ethi iyamshela avele angene esikhathini ngokushesha.
Lezo zinto ziyingozi ngoba zenza uhlale ungenamali kwazise phela wena usebenzela ukuthenga umuthi futhi zenza uthando luphele kabuhlungu impela.
Asisebenzeni ngothando olukhona sikhohlwe olomuthi ngoba luchitha nesikhathi lunjalo nje.