MHLELI: Ngicela ukuthi qaphu ngengikuzwe emsakazweni ngaphinde ngafunda ngakho kwelakho langoNovemba 12 ngaphansi kwesihloko esithi “ngeke zifunwe izitifiketi ezinganeni zangaphandle kuleli.”
Le nkulumo ingethusile ngoba sinenkinga yokulawula abantu bangaphandle abangena kuleli ngokungemthetho nabangene ngokusemthethweni okungaze kusidalele izinkinga ezinhlobonhlobo.
Okunye okungixakayo wukuthi kuzoqinisekiswa kanjani ukuthi ingane ahamba nayo umuntu bahlobene ngani nayo nokuthi uma kwenzeka bedukelana kuyokwenziwa njani ukuthola izihlobo zayo.
Okunye wukuthi uma kwenzeka kutholakala into eyicala enganeni kuyothiwa ibihamba nobani uma ingenawo yona amaphepha ayihlobanisa nomuntu omdala othile. Iyaxaka le nto yokuthi uma sifuna ukwakha amathuba emisebenzi singabe sisazibheka izinto ezingasidalela inkinga ngomuso.
Le nto ifana nse nale nto yokuthi abatshali zimali bathi abanikwe ilungelo lokuqasha baxoshe ngendlela abayithandayo ukuze benze inzuzo. Umbuzo engizibuza wona uthi ikuphi inkinga uma abahamba nezingane bephethe amaphepha ezingane uma behamba nazo. Uma abavakashi beze ngokuvakasha okuqondile abangabi nenkinga yokuphatha amaphepha ahambisana nokungena kuleli.
Kule mihla kunenkinga yokushushumbiswa kwabantu okukhungethe umhlaba jikelele. Lokuxegisa kwethu izinto kulelizwe kuzokwenza sibe yisizinda sezigebengu ezinhlobonhlobo. Kuzomele inhlangano ebusayo ibheke ukuthi ongqongqoshe abazenzeli abakuthandayo kodwa bahamba emigomweni yeqembu ngoba abantu basuke bevotele imigomo yeqembu hhayi ekangqongqoshe.
Ongqongqoshe abalawulwe yimigomo yeqembu ukuze imigomo yeminyango kahulumeni ingashintshi. Abayibhekisise kahle imithetho ngaphambi kokusayina.
B khathi
eThekwini