MHLELI: Ngiyakhuleka kunina beSilo, nina beNkashana kaMenzi eyaphuza umlaza ngameva. Ngiyathokoza ukuthola ithuba lokubhala kulo iphephandaba Isolezwe eliwela umfula ugcwele, yimi induna yamaBhinca kuzwe lonke Sizwe Ndlovu, Kwasjula.
Ngithanda ukuphawula okokuqala ngqa, selokhu umsakazo Ukhozi FM lwenze izinguquko, ngimshayela ihlombe obehlanganisa ithimba labasakazi abazogadla ngabo ezinhlelweni ezahlukene. Ngithi kuye uwushayile umsebenzi wakhe kwezinye zezinhlelo, ngizoqala ngohlelo lwasekuseni Vuka Afrika.
Lolu hlelo lumnandi ngendlela eyisimanga, uyezwa ukuthi abasakazi bayinto ehlangene futhi bakwenza ukhohlwe yizinsizi zakho ekuseni uye emsebenzini ngomfutho. Ngithanda indlela uSipho Mbatha enza ngayo uyakhombisa ukuthi uvuthiwe kulento yokusakaza.
Uke wadlala umyalezo (voice note) kaLinda Sibiya emoyeni, naye encoma uhlelo ngendlela olumnandi ngayo noMroza Buthelezi kanjalo noNolwazi Machi.
Ngizocela ukuza ohlelweni lukaBheka Mchunu olwasemini, lolu hlelo lunezihloko ezakhayo. Lapho akafakwa khona uMchunu ufike angene athi khaxa, unomfutho omnandi emini. Qhubeka Mchunu wakhe isizwe ngezihloko zakho.
Bese ngiza ohlelweni lwantambama lukaSiya Mhlongo benoSelby Mkhize, hhayi luyabanda uhlelo! Ngicabanga ukuthi bagejile oKhozini ngoba uMhlongo akayena umsakazi ongasaka iDrive. Unomoya ophansi kakhulu kanti ntambama sidinga umsakazi ozosenza sikhohlwe yingcindezi yosuku ebesibhekene nayo, kungaba isemsebenzini nakwezinye izindawo.
Lolu hlelo ludinga abasakazi abanjengoMafresh. Ukube bafaka uMafresh noSelby kulolu hlelo lwantambama beluzoba sematheni kubantu abasha. UMafresh udingwa ngabantu abasha ntambama unalento kaLinda Mr Magic Sibiya, yokuhlanya uma ephethe umbhobho.
Ngizocela ukwehlela ngezansi nami njengomlaleli oqavile.
Sizwe Ndlovu
Induna yamaBhinca
KwasJula