Imibono

Luphelele kuphi ugqozi lwembokodo ye-ANC?

Opinion|Published

President Cyril Ramaphosa, Nkosazana Dlamini-Zuma, Paul Mashatile, Lindiwe Sisulu, David Mabuza, Zweli Mkhize and Duduzane Zuma.

MHLELI: Kusisiza ngani ukubambisana kwabaholi besifazane be-ANC uma bengasebenzisani nemiphakathi yabamnyama ehlwempu? Muva nje, kubikwe ukuthi uDkt Nkosazana Dlamini Zuma noNksz Lindiwe Sisulu, banqume ukusebenzisana ngenhloso yokulwela izikhundla eziphezulu kwi-ANC.

Empeleni akufanele ukuthi banqume ukubambisana manje, kumele ngabe siyazi ukuthi bayibumba ngoba sibona ngezenzo zabo emphakathini.

Kuyindida ukuthi kuphelele kuphi ukuba yimbokodo kwabantu besifazane abasesigungwini esiphezulu kwi-ANC?

Baphi abaholi besifazane abagijima emphakathini belwela abantu abangenalutho futhi babasize ngoba kuyinto efanele? Kungani sebekwenza ngoba befuna ukuthuthukisa amathuba okungena ezikhundleni?

Kunzima ukweseka ubumbano olukhetha iphela emasini futhi olugxile ekutheni kuzuze abaholi ekubeni abantu bethwele nzima.

Yiliphi iqhaza elibanjwe nguDkt Dlamini Zuma, yena siqu sakhe ngaphandle kokuncika enhlanganweni, ngesikhathi kugasela izikhukhula KwaZulu-Natal?

NjengoNgqongqoshe womnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uDkt Nkosazana Dlamini Zuma, kuyijoka lakhe ukuphenyisisa kabanzi ukuthi kungani abantu abamnyama behliswa, benyuswa nezingane bethwele nemithwalo ngoba befuna izindawo zokukhosela kepha baphenduke imihambuma ezweni labo lendabuko?

Nguye okumele abuze amakhansela ukuthi athule athini abantu befuhlelwa emahholo futhi bengakhelwa izindlu njengezethembiso ezenziwe nguhulumeni kazwelonke nowesifundazwe.

Nguye owayehamba phambili eqinisekisa ukuthi ugwayi notshwala akudayiswa ngesikhathi kunomvalelandlini. Usuphelele kuphi lowo mdlandla?

Kumanje asibaboni benoNksz Sisulu, ekubeni bakhuliswe ngaphansi kwezingqalabutho zembokodo kaKhongolose. Ngikhuluma ngomabizwa asabele be-ANC, omama uNkk Albertina Sisulu, Nkk Adelaide Tambo, Nkk Nokukhanya Luthuli.

Lukuphi ugqozi lokulwela abamnyama nokubanikeza impilo engcono njengesethembiso se-ANC, uma abaholi bayo besifazane bezicabangela bona?

Okhathazekile

ETHEKWINI