MHLELI: Ngizwakalisa ilaka lami ngendlela elenza ngayo iqembu elibusayo, i-ANC njengoba izwe lisebenza ngaphansi kwemigomo.
Ngeke nginanaze ngokuthi okugqamile ebuholini be-ANC ikakhulu emazingeni aphezulu njengoba sibhekene negciwane iCorona, yinkohlakalo.
Kubuhlungu uma sibona uhulumeni wethu ekhipha imali ngapha nangapha.
Kunenye imali aze wayiboleka ngenhloso yokuhlangabezana nezinkinga ezidalwe yileli gciwane.
Kepha siphinde sibone abantu abaningi belahlekelwa yimisebenzi, ikati lilala eziko emindenini eminingi.
Uzamile uhulumeni ukusabalalisa izijumbane zokudla kanti ezinye zigcine zingafikanga kubantu, kwathiwa zithathwa ngamakhansela.
Kuze kwenziwa ihlaya ngokuthi uma uzwa kukhala ibhala ebusuku ubovuka nawe, uthathe elakini ulandele ngoba kusuke kungamakhansela eyolanda izijumbane zokudla, eziyisa emizini yawo.
Ngingasho nje ngingananazi ukuthi ezinye izinqumo zikahulumeni ngalesi sikhathi zisishiye nemibuzo.
Kuyiqiniso ukuthi izwe lethu liyaqala ukubhekana nalesi simo sokulwa nokubhebhetheka kweCorona, sesibona kushayeka nosomabhizinisi abehlukene.
Kuyinkinga uma kushayeka ubuholi obuphezulu kugcina kushayeke nasemazingeni aphansi, ikakhulu komasipala.
Engikusolayo nje wukuthi kunabantu abazohlomula ngemali njengoba sibhekene neCovid-19.
Ongeke acebe lapha kobe kusho ukuthi ngeke aphinde acebe njengoba imali itatshwa kangaka. Kukhishwa amathenda anhlobonhlobo nalapho kusaqhutshwa ngenkohlakalo. Enuka phu!
Okubuhlungu wukuthi lokhu kwenzeka nje ngonyaka ozayo kulindeleke ukuthi kube nokhetho lohulumeni basekhaya.
Kulindeleke ukuthi abantu baphume bayovota kepha ngibona sengathi lizolahlekelwa ngamavoti iqembu elibusayo.
Ngisola ukuthi lokhu kuzokwenziwa wukungagculiseki kwabantu ngendlela elithathe ngayo izinqumo, ngesikhathi sokuvalwa kwezwe.
S
Mxolisi Manyathi
ENQUTHU