MHLELI: Kwelakho eliwela umfula ugcwele, ngithi ake ngizwakalise ilaka lami.
Le nto ngizoyibiza ngokumosha izinsizakusebenza, ukumosha uphethroli, imali yomkhandlu kanti ngaphezu kwakho konke iyihlaya elingahlekisi.
Mhlawumbe yimi nomphakathi esingayazi inhloso yalokhu okwenzekayo.
Ake ngiqale ngoMlaza laphaya emarobhothini eMega City.
Esikhathini esiningi laphaya eMega City ufica imoto yamaphoyisa omkhandlu ikhanyisa amalambu aluhlaza. Uma ubheka phakathi, ubone iphoyisa noma amaphoyisa ezidlalela ngamafoni, lapho i-traffic emarobhothini idla lubi. Amatekisi azingenela noma ikanjani nje lawa aphuma edolobheni, izimoto eziphuma eMega city ngaphakathi zishaye ujenga kungahambeki. Umbuzo wami uthi ameleni laphaya njengoba ezihlalele ngaphakathi ezimotweni esikhundleni sokuthi ahlele ukuhamba kwezimoto kwisiminyaminya? Kunaloko uzowathola emisa izimoto ezihlola, ukuthi kwenzakalani emarobhothini, kawanamsebenzi.
Okufanayo nokewenzeka kwaV emarobhothini.
Sicela umphathi wamaphoyisa asicacisele ngokwenzeka laphaya ukuze sazi, singabi nemibuzo.
D A Nhlangulela
eMlaza