Zimbili zinto eziyimbangela yokuhlupheka kwethu thina ndlu emnyana sigcine sesihamba siyohlola ezinhlanyeni sizama ukulungisa esithi konakele nokuyilezi: ukulahleka kolwazi lwesintu nesiko, nokuduka komlando.
Sonke sizalelwa emlandweni okufanele ngabe obabamkhulu nobaba basishiya nolwazi lwakho ukuze sazi ukuthi kwenzekani kubona kumbe kokhokho babo. Kuthe kusenjalo kwafika abamhlophe basiphuca umhlaba kwadungeka ababekhuliswe ngakho okhokho, okungulwazi lwamasiko kwagcina sekudungwa nayimfundo esinikwe yona ezikoleni engazange yagqugquzela ukuthi siwafunde siphinde siwagcine amasiko ethu.
Sinamasiko bese kuthi umndeni nomndeni nawo ube nosiko lwawo olwenziwa ekhaya. Yilokhu-ke okugcina sekwenza izinhlanya zigcine zisitshela lokhu nalokhu okusidukisa unomphela.
Ayikho into edlula isintu namasiko esizwe nesizwe. Uma uthatha ezinye izinhlanga ezingethina iyona nto eziyiqikelela kakhulu ezingayingabazi leyo. Uma sonke kusasa singavuka sazi wonke amasiko ethu ngiyafunga akekho umuntu ongavuka athi uyohlola. Angenze isibonelo, uthi wazi kahle kamhlophe ukuthi isibongo okufanele usisebenzise uma ungumlanjwana esakamama, uhlanya lukutshele ukuthi hamba uyokwenzelwa imbeleko yakayihlo, okuyinto ephambene. Uthi uqaqelwe yizinkinga ekhaya nasemsebenzini ngenxa yokungabafaki abantu abadala kumbe ukungabiki umuzi, kunokuthi uhlanya luthi hamba uyofaka abadala, uzwe yena ugobela ethi kufanele ayokungenisela abadala. Lokho ukusho ngoba engaqondi kokunye kube wukuthi uzifunela imali. Usuke azi kahle kamhlophe ukuthi lokhu kufanele ukwenzelwe wuyihlo noma ilungu lomndeni wakho. Kuningi okuphambene lapha ngaphandle.
Uhlaba imbuzi kuthiwe yilengise ekubeni ukhule kini imbuzi ilaliswa phansi uma isihlatshiwe. Kukaningi uzwa kuthiwa ungalinge uchithe igazi ekhaya ngoba ithongo kumbe idlozi alikho ekhaya kufanele liyolandwa olwandle kumbe libizwe emoyeni. Konke lokho uyakwamukela ngoba ungasazi isintu kanti ayikho yonke leyo nto. Iqiniso limile nje, ukuze siphume emaketangweni esibopheke kuwona kufanele sizame ukuzifundisa isintu namasiko sibuze nangemilando yemvelaphi yethu. Labo abangasiza kulokhu abalibambe nabo iqhaza ngendlela yabo.
Umsamo Institute, ekuqaleni kuka-Agasti ngaphezu kwezinhlelo onazo ezimbili zokusabalalisa ulwazi lwesintu, okungukubhala kule ngosi uphinde ube nonhlelo emsakazweni uKhozi oluthi Ingono Yomsamo oluba njalo ngoLwesithathu, ngokokuqala ngqa uvule umsakazo wayo weYoutube, iPodcast, iSoundCloud neFacebook, ngenhloso yokuhlangabezana nalesi sidingo. Njalo ngoMsombuluko kuphuma isihloko esinengxoxo entsha lapho uDkt Bhedlindaba Mkhize engahambi yedwa kodwa ekhuluma nabathize abadlule ezintweni ezithile olalele azizwele yena ngokutshelwa ngumuntu oseyihambile indlela.
Lapha kusavele amathwasa ekhuluma ngezinto ezawehlela aze athwase abale nezinkinga adlule kuzona. Lokhu osekuqalile kuzoqhubeka njalo kuphela nje wena kumele ugade ngoMsombuluko kusukela ngo-12 emini lapho kuzobe kuphuma ingxoxo endala bese kungena entsha kodwa lokho akusho ukuthi esidlulile ngeke uyithole. Lokhu kuzolekelelana nezincwadi azobe ezibhala uBhedlindaba ngaphansi kophiko loMsamo.
Esontweni eledlule kuphume incwadi Umsamo Ingono Nenkaba okuyincwadi equkethe zonke izindatshana ebezikhulunywa kuKhozi FM ngaphansi kweNgono Yomsamo ohlelweni iJabula Ujule. Ngalokhu sizama ukuthi abantu balangazelele ukufunda ngamasiko ethu nesintu ukuze singaduswa kalula. Lokhu kuzohambisana nezimbizo ezizokuba seGoli naKwaZulu-Natal nalapho sizobe sizama ukuthi kusatshalaliswe ulwazi lwesintu sethu.
Kuningi namhlanje okuke kuthi uma umuntu ehlupheka bese etshelwa kona ekubeni kungenjalo ngoba nalowo osuke etshelwa uhlushwa wukungazi. Namhlanje umuntu oya ohlanyeni exakwe okumxakile utshelwa okunye kwalokhu okuyisithupha: Igobongo, ukuthwasa, isilwane, ukuzalwa wembethe (nakho okungachazwa kahle), ukukhipha izidalwa zigezwe nokubethela.
Namhlanje kunabantu abathi angisayingeni eyezinhlanya sengincamela ukuzisontela. Ngiyabavumela ngoba lapho behamba khona alukho usizo abalutholayo kunalokho kudlalwa ngabo ngoba bengalazi isiko, isintu nomlando. Cishe namhlanje awukho umuzi ongabethelwe nosuke wangeniselwa abadala izikhathi eziningana impela ngoba kuthiwa ekuqaleni akwenzekanga kahle. Konke lokho kwenziwa wuhlanya.
NANSI INDABA
Ngaphambi kokuyohlola buza izidalwa zakini ezikuphethe kuqala ukuthi konakelephi.
* Bhedlindaba
(033 0569 1317/ 010 007 5295/031 003 2953