KWAMANYE amazwe ukulungisa isimo emva kwenhlekelele enjengezikhukhula kuthatha izinsuku ezimbalwa futhi kuyashesha.
Okubaluleke kakhulu kukho konke wukuthi iziphathimandla zibuyise ngokuphuthuma izinsiza ezifana namanzi nogesi ngoba lezo yizinto ezimqoka kakhulu ekuphileni kwansuku zonke.
Ukungabuyiswa kwamanzi ezindaweni eziningi kubeka impilo yabantu engcupheni njengoba kulula ukuthi kuqubuke izifo ezihambelana nokungabi bikho kwenhlanzeko.
Nokungabi bikho kukagesi kudala isithukuthezi kubantu futhi kukhubaza umnotho, kuyabashaya nasephaketheni.
Ngakho-ke kubalulekile ukuthi kuzo zonke izinhlekelele inqubo yokubuyisela zinsiza kubantu ihlale ishesha.
Kepha kuyadumaza ukuthi eNingizimu Afrika emva kwezikhukhula KwaZulu-Natal ukubuyiselwa kwezinto esimweni kuhamba ngonyawo lonwabu.
Isimo esibhekene nemiphakathi eminingi ekhahlanyezwe yizikhukhula siveza ubuthaka kuhulumeni kazwelonke, owesifundazwe nowasekhaya komasipala.
Kuthathe inyanga yonke ukuthi kubuyiswe amanzi eNtuzuma nasoThongathi. Kudingeke ukuthi abantu baso-Ottawa naseWaterloo, ngaseVerulam, bateleke ukuze uMasipala weTheku ubanake. NaKwaMashu, Newlands, Avoca, Redhill, Effingham nakwezinye awakabuyi ngokuphelele amanzi. Asabuye avalwe ngezikhathi ezithile kokunye aphume engcolile kompompi.
Kwezinye izindawo njengaseQueensburgh isimo sibi njengoba kunenyubathi egeleza ize iyongena emfuleni odlula endaweni. E-Adams umgwaqo omkhulu, oxhumanisa le ndawo neCamperdown, unengxenye evaliwe okwenza impilo ibe nzima kubantu nakosomabhizinisi abawusebenzisa ukuthutha impahla.
OSindisweni, KwaMaphumulo naseMlaza kusakhalwa esifanayo ngengqalasizinda engakalungiswa.
Kwezinye izindawo, abantu ababhidlikelwa yimizi basaqube emahholo nezingane ezincane.
Kuphela, kubonakala izikhulu zibahambisela izijumbana zokudla bese zithatha izithombe.
Ekugcineni, kungasiza ukuthi uhulumeni uzinuke amakhwapha, bese kusukunyelwa izidingo zabantu ngokushesha ngoba okwenzeka manje kuyihlazo.