MHLELI: Akengiphawule ngodaba olusematheni kulezi zinsuku lwenkohlakalo edla lubi kuKhongolose nokushenxiswa kosopolitiki abathintekayo emacaleni okukhwatshaniswa kwemali.
Lokhu okwenzekayo kuyasidida siyizakhamuzi eNingizimu Afrika ukuthi uMnuz Ace Magashule, onguNobhala jikelele we-ANC, amiswe esikhundleni naye akhiphe incwadi yokumisa uMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa.
Le nto ungathi wumdlalo wezingane ezincane. Inhlangano enkulu njengoKhongolose inenqubomgomo yayo ilungu nelungu okufanele liyilandele futhi liyihloniphe. Kufanele aqondiswe ubugwegwe uMagashule ngoba akayilandelanga inqubomgomo yenhlangano.
Izinto ezinjengalezi zizoyithunaza i-ANC futhi izolahlekelwa amavoti njengoba kuyiwa okhethweni lohulumeni basekhaya.
Uma ufunda emaphepheni noma ubuka izindaba kwithelevishini kuthiwa kwavunyelwana ngalo mthetho engqungqtheleni ababekhona kuyo oMagashule nabanye abaholi be-ANC asebethole izincwadi zokuthi bashenxe ezikhundleni zabo ngoba benqaba ukuzishenxela bona.
Kuyaxaka uma sebephikisana nomthetho owashaywa bekhona nabo kuleyo ngqungquthela lokhu kubeka ngokusobala ukuthi abayihloniphi imithetho yenhlangano. Abanye bathi kufanele benqaba ngoba banezikhalo zokuthi bakhona abanye abathintekayo enkohlakalweni abangabekiwe amacala. Le nto isibukeka ihlukanisa inhlangano phakathi ngoba abanye babaholi bazwelana noMagashule nabanye abaholi abashenxisiwe ezikhundleni ukuthi kudlalwe ngabo.
Abanye bahambisana nesigungu esiphezulu bathi sithathe isinqumo esifanele. Kuyaxaka lokhu okwenzekayo ngoba akuqali ukushenxiswa ezikhundleni kwabaholi bashenxiswa oMnuz Thabo Mbeki owayengumengameli wezwe akanqabanga kwaphinde kwashenxiswa uMnuz Jacob Zuma eseyiphini likamengameli wezwe naye akanqabanga.
Lokhu okwenzeka manje kuyasixaka siyizakhamuzi zezwe.
Ntabeni Umfana wentaba
EHAMMARSDALE