Inhlambuluko nokuthelelana amanzi ngezinye zezInsika ezengamele umsamo. Uma ngithi umsamo ngisho ithongo okungbabakini nawe uqobo lwakho. Kuningi esikwenzayo singaqondi ukuthi ngelinye ilanga kuyohamba kube liqatha elisibindayo.
Ziningi izinto ezonakele emindenini, ezweni nasemhlabeni ngenxa yendaba yokungaqondi nokungalungisi esisuke sikwenzile nesikukhulumile. Umuntu unethongo ahamba nalo ethi ehamba nalo ebe futhi enganyelwe ngamathongo akhe ambhekile.
NoNkulunkuu washayelela isipikili, ngokuthi athathe lo mzimba awubize ngeThempeli lakhe. Phezu kwalokho wabe eseleka ngemithetho elishumi eyengamele umuntu wamtshela ukuthi: “Mina ngiyiNkosi uNkulunkulu wakho ungabi nabanaye oNkulunkulu ngaphandle kwami.” Ngala magama wayeqonde ukuthi ngiyiNkosi ngithi ngiyiNkosi ngibe futhi ngikubeka ezandleni zabakini engiyobabela wena abayofana nabazali kuwena, okuyokuba nguyihlo nonyoko ngomthetho wesihlanu: “Hlonipha uyihlo nonyoko ukuze izinsuku zakho zande emhlabeni” Ekugcineni ukuqinisekise lokhu ngomthetho wesishiyagalolynye: “Ungafakazi ngamanga ngomakhelwane wakho”. Konke lokhu kuqonde kimina nawe, okuchaza ukuthi uma kwenzekile sakweqa ngokwezinhliziyo zethu zasemhlabeni sekufanele kube khona esikwenzayo. Kodwa kukho konke esikwenzayo sikwenze ngesiko nesintu saleso naleso sizwe.
Sisenyangeni uSepthemba (uMandulo) okuyinyanga yokuqala konyaka kithina bantu abansundu base-Afrika. Kulapho sandulela khona zonke izinto sekukhala inyoni uPhezukomkhono ukuthi akuyiwe manje ezivandeni. Kulapho konke kuqala kuba luhlaza, nomuntu imbala elindele ukuba izinto zakhe ziqhakaze kabusha. Kulapho-ke kuvela khona ukuthi akukho yini okungase kube isithiyo kukho konke lokhu okuqhamuka nale nyanga na.
Abantu babona, imindeni kuhambe kuhambe ingezwani, okwakuhamba kuze kuyothinta ngisho isigodi nesizwe imbala. Kungakho kwakukhona izinduna namakhosi ababhekele ukuthi uma sekukapakela esizweni nasesigodini nakuleyo ndawo uma kwenzeka kuba khona ingxabano esijuliule.
Uzalo lwalwazisana kodwa ekugcineni abanye banukane baze bayophonsana ezangomeni, kulapho iLembe inkosi uShaka azithiya khona izangoma ngoba zase zibanuke kakhulu abantu bebulalana bodwa ngoba kuthiwa bayathakathana. Kukho konke-ke lokho kwakuthi uma sekuxolelwene bese kwenziwa umcimbi wokuthelelana amanzi, okuyinhlambuluko, abanye bethi ukukhumelana umlotha. Leli siko lalinendlela yakhona yokwenza yesintu eyayiqhutshwa ngumndeni lowo othintekano kumbe amalungu omndeni othintekayo, kumbe umuzi nomuzi. Leli siko lesintu lokuhlambulukelana lalenziwa ngumndeni kungabizwa sangoma namelaphi wendabuko njengalokhu sekukhona ukuxhaphazeka osekwenzeka namhlanje.
Sekulula ezinsukwini esesiphila kuzona ukuzwa kuthiwa kade umndeni othize uthelelana amanzi kumbe kwenziwa inhlambuluko benziswa isangoma. Ikhona ukulahleka kwendlela yesintu esingasaziwa kubantu abamnyama nakuzona izangoma ezithwasile kodwa isintu esingasaqondakali nakubona.
Isikhathi esiningi lapho sihamba khona siyobheka okusihluphayo sivame ukutshelwa ngabahamba bexabene. Umbuzo bese kuba ngukuthi kulungiswa kanjani kulapho-ke kuqhamuka khona umelaphi athi kufanele ngizonenzela. Uma nazi nani emndenini ukuthi kukhona abahamba bexabene akudingi nokuthi nize niyotshelwa okungekhona, kuphela yenzani isiko lesintu lokukungisa lokho.
Uma kwakuxabene izindlu ezimbili mhlawumbe esithenjini, labo abasele abaphuma kulezo zindlu babethenga izimbuzi kuhlanganwe ekhaya elikhulu, uma lingasekho kweminye yemizi yabo. Kuzothathwa izimbuzi kuyiwe ngaphandle komuzi kufikwe kukhulunywe ukuthi kuthelelwana amanzi ngamacala ashiywa ngobani.
Izimbuzi zizobulawa lapho ngaphandle kwesango, kuthathwe igazi nomlotha wasekhaya namanzi bese owokuqala ethela ahlikihle omunye ngegazi nomlotha bese emthela ngamanzi ezandleni kanjalo futhi nalowo owesibili kwenziwe njalo. Izimbuzi lezo zazingalahlwa zazihudulwa bese zingeniswa ngaphakathi sezifile, bese zihlinzwa zingalali emsamo zidliwe uma kungukuthi ziyadliwa kodwa akugaywa tshwala ngoba akuwona umcimbi womphakathi lona.
Uma kuxabene abandawonye umfowabo nomfowabo ndlini yinye nakhona kwenziwa ngokufana lowo osuse uthuthuva osefuna kuthelelwane amanzi nguyena othenga imbuzi nayo iyohlatshwa kanjalo ngaphandle kwesango, kusebenze wona umlotha namanzi, amgeze izandla lona okunguyena amona nalowo owoniwa avume ukwamukela. Kuvamise ukuthi uma kwakuxabene amakhehla asahamba bese emva kwakho konke lokhu kuthengwe izimbuzi ezimbili kwenziwe manje okubizwa ngesithebe lapho sebezohlanganiswa khona sekuthiwa abadle ndawonye njengezingane zekhaya elilodwa.
Izingxabano-ke zihlale zenzeka emindenini. Ngakho ukuhlambuluka, nokuthelelana amanzi iyona into esemqoka kakhulu ngoba uma kungenziwa kugcina noma kanjani kushaya isizukulwane. Ngisho ubaba ethuke wabeka isandla kumama noma ingane yathuka uyise noma unina kufanele kube nenhlambuluko yalokho kugezwe. Konke lokhu kusezandleni zomndemi hhayi zezinyanga nabelaphi njengalokhu sekwenzeka namhlanje. Ileli siko-ke elisishaya sonke eNingizimu Afrika emva kwenkululeko asiligcinanga ezehlakalweni eziningI ezenzeka phakathi komhlophe nomnyama naphakathi komnyama nomnyama. Nesiqalekiso seLembe asikahlanjululwa kuze kube namhlanje.
Bhedlindaba “VVO” Ka Lu Phuzi Mkhize (PhD)
Isigodlo SaseMlambomunye
KZN 087 11 00 555
GAUTENG 010 007 5294/5