MHLELI: Ngivumele ngidlulise ukungenami nokunengeka kwami ngale nto eyenzeka kuKhozi FM.
Angazi noma yimi ngedwa yini engiqaphelisa le nto, yonke imdlalo yomoya edlala khona idlalwa abantu ababodwa ikakhulukazi le ebhalwa manje. Ngabe kusasebenza inhlolokhono noma sekunolunye uhlelo olusetshenziswayo? Sitsheleni nathi siyalidinga leli thuba.
Angiphiki banawo amakhono kodwa-ke awethu nawabanye ayovelela nini Uma kugida gida abantu ababodwa? Akusinwe kudedelwane madoda.
Sengiphetha kuyangijabulisa ukubona abadlali bemidlalo yomoya sebevela emidlalweni yethelevishini kodwa-ke ake bashenxe emidlalweni yomoya sizwe amaphimbo amasha.
Mvelo "iHlokohloko" Sishi