UKE uzibuze nje ukuthi kungani imali yakho iphelela ezandleni? Kuyenzeka uzigxeke ngendlela osebenzisa ngayo imali kodwa uphinde into efanayo? Ziningi izizathu zokuthi uchithe imali ngaphezu kwalokho okufanele. Esokuqala ukungabi nohlelo lokusebenzisa imali noma ibhajethi. Uma ungayihleleli imali engenayo kulula ukuyichitha noma kanjani ngoba awunavalo lokuthi izophela ungakalufezi uhlelo lwakho. Ukungabi nebhajethi kuyindlela esheshayo yokuqeda imali.
Lokhu kwenziwa isizathu sesibili esiqondene nokuba khona kwemali. Ukuzigxeka ngokusebenzisa imali budlabha kwenzeka uma ingekho imali ngesikhathi ubuyekeza ukuthi wenzeni ngayo. Uma isikhona imali zonke izinto obuzifisa zifika izinqotho zithi khipha imali. Uma ungaziniki isikhathi sokucubungula ukuthi yini oyidingayo ugcina usuthenga izinto ongazidingi. Nomusa uyanda uma unemali ugcine uphisana ngayo.
Esinye isizathu esibhebhethekisa ukuchitha imali budlabha wumuzwa wokuthi kunesidingo sokuthi usebenzise imali. Izikhathi zonyaka ezifana noKhisimusi zinomthelela omkhulu ekuchitheni imali kungenasidingo. Imvama uthola abantu sebeboleka imali ekuqaleni konyaka ukuze baphindele emsebenzini noma bakhokhele isikole. Okunye okugqugquzela ukuthenga okungahleliwe wumuzwa wokuthi into izophela noma izobe isibiza ngokuzayo. Lo muzwa usetshenziswa abahwebi futhi uyabasebenzela isikhathi esiningi. Kukangaki uthenga izinto ongeke uzisebenzise manje ngelithi ziyobe sezibiza uma usuzidinga?
Abadayisayo bagqugquzela ukuthi thenga manje ngoba ngeke isaba khona impahla. Uma uthenga ngekhadi ungakhiphi ukheshi awubuzwa ubuhlungu bokuphuma kwemali. Akufani nokukhokha ukheshi. Kepha nokheshi uyinkinga uma uphethe imfumba yawo. Singathi nje inkinga akulona ikhadi noma ukheshi kodwa wumqondo wokuthi imali iningi ngisho kungenjalo.
Enye into eyenza sithenge ngokungahlelekile umuzwa esiba nawo ngempahla esiyithengile. Yingakho ubona abantu bekhombisa wonke umuntu ezinkundleni zokuxhuma impahla abayithengile. Ukunconywa abangani kwenza ubone usezingeni eliphezulu ungazisoli ngemali oyichithile. Uma usufuna lo muzwa futhi kufanele uphinde uthenge bese uvezela izwe likubone. Akuyona into embi ukuthenga into ekujabulisyo kodwa kuba yinkinga uma sekuwumkhuba. Uma sewenzela ukubukwa abantu uzithola usungena esikweletini.
Ngisho kuthiwa unemali eningi kangakanani uma uyichitha ngokungacabangi izophela. Bangaki abantu esizwa ukuthi bawina izizumbulu ze-lotto kodwa abangasenalutho? Uthini ngabakhokhelwa izizumbulu zamathenda kodwa uhlangane nabo sebeboleka imali emuva kwesikhashana? Uma ungenahlelo kungekudala uzobe ungenamali. Ngisho kuthiwa imali incane uyaludinga uhlelo ukuze uyisebenzisele izinto ezibalulekile. Uhlelo lusiza ngokuthi nemali ozijabulisa ngayo uyihlelele ungachitha imali ongenayo. Ukwenza uhlelo singakufanisa nokuba nama-debit order akusiza ukuthi ukhokhele izidingo ngesikhathi. Inkinga ukuthi uhlelo lwenziwa uwena futhi lulawulwa uwena. Kudinga ukuthi ube wumuntu oqotho ukuze ululandele ngendlela. Nokulujwayela kuba lula ngoba usuke ubona imithelela emihle.
Kodwa nohlelo alwanele uma ungaziqapheli izilingo esikhulume ngazo. Kufanele uhlelo lwakho lucacise ukuthi uzomelana kanjani nezilingo. Kuyasiza ukwazi ukuthi izimpahla ziyabiza uma zisafika kuthi ngokuhamba kwesikhathi zibe sendalini. Ngesinye isikhathi uthola ukuthi awuyidingi into ngendlela obucabanga ngayo.
Konke lokhu akulula futhi akumnandi. Kepha ngokufanayo akumnandi ukuthi ithi ifika imali yakho ibe inyamalala. Uma kunzima ukuzithiba kungcono wenze uhlelo lokuthi ibhange likubambele imali ethile. Nakho lokhu akumnandi kodwa kuqinisekisa ikusasa elinenkululeko yomnotho.
* Sishayele noma uthumele umlayezo ku-083 354 8794. Bhalisa uthole ulwazi olunohlonze ku www.ubuntuwealth.co.za. Hheshe!