MHLELI: Njengomlaleli nomthandi webhola lezinyawo, olandela elinye lamaqembu asesifundazweni, iGauteng, ngivumele ngibongele iqembu likaManzini. Empeleni le njinga yasesifundazweni sethu ifike kwezwakala. UZungu wathi ethatha izintambo kuSokhele, wabekela umqeqeshi umgomo wokuthi udinga Usuthu lube kunamba 4.
Kube sekuhlangana nenkulumo kaBenni eyathi uzoqoqa bonke laba balandeli baseKZN abeseka amaqembu aseGauteng amakhulu ukuba bafudukele oSuthwini. Akuphelanga sikhathi esitheni, kwenzekile lokho njengoba sibone abantu abadumile sebejoyine Usuthu njengoDJ Tira noSgqemeza.
Bonke laba sebefudukele kulo Usuthu ekubeni bebehamba neKhosination phambilini. Okungenze ngabhala kwelakho yingoba ningabantu enilwaziyo udaba lwalabo saziyo. Ngibafisela okuhle kodwa abafana bakaZungu uma sebeyodlala e-Africa kwiCAF. Lokhu kuyingqophamlando ukubona iqembu lakithi lidlala kwiCAF.
Ngingomunye osezifela ngebhola elidlalwa Usuthu futhi ngibona ukuthi mhla kwavulwa ukungena kwabalandeli enkundleni, kuyoba yizimpethuzendlovu abalandeli befuna ukubuka Usuthu bukhoma.
KHABZELA KB MZIMELA
EZWELIBOMVU